UZOHLONISHWA ngegalelo lakhe lokusiza abantu abaswele emazweni ase-Afrika umculi wakuleli, uYvonne Chaka Chaka.
Lo mculi odume ngeleNdlovukazi yase-Afrika, uzohlonishwa emcimbini omkhulu wezindondo ozoba seGhana, i-5th All Africa Music Awards(AFRIMA).
Lo mcimbi ohlelwa i-African Union, African Union Commission ne-International Committee of all African Music Awards ngokuhlanganyela noMnyango wezokuvakasha nowamaSiko namaCiko waseGhana, uzoba ngoNovemba 24.
UYvonne ngeke nje agcine ngokuthi ahlonishwe kulo mcimbi kodwa uzophinde abe yisimenywa esiqavile esizokhuluma ngezinto ezihlukene ezithinta ibhizinisi embuthanweni i-AFRIMA Business Summit, la kuzobe kudingidwa khona izinto ezithinta umculo wase-Afrika, amaCiko ase-Afrika yonkana nezinye izinto ezithinta wona umculo.
Ekhuluma ngokuqokwa kwakhe kulo mcimbi uthe, ukuhlonishwa ekhaya kuye kusho lukhulu.
"Kulo mcimbi ngeke ngihlonishwe nje kuphela kodwa ngizophinde ngithole ithuba lokunikeza ngolwazi lwami kubaculi abahlukene. Lona ngomunye wemicimbi ezosiza ukuthi sihlangane singabaculi sikhulume ngezinto ezihlukene," kuchaza yena.
UYvonne akaqali ukuhlonishwa ngegalelo lakhe lokuyosiza emazweni ahlukene e-Afrika njengoba nasemcimbini waseMelika othathwa njengomkhulu emhlabeni amaBET, wahlonishwa ngegalelo lokulwela abesifazane nezingane abahlukunyezwayo.
Lo mculi wenza konke lokhu nje kuwo lo nyaka usanda kukhipha i-albhamu ethi, 'Keep Looking At Me'.