UMCULI waseNigeria uTiwa Sawage, useveze ukuthi indondo ayithole emcimbini wamaMTV EMAs, ngeSonto, eBizkaia Arena, eSpain, eyabo bonke abantu besifazane base-Afrika.
UTiwa ubeqokwe emunxeni i-African Act category, eqokwe nomkhaya wakhe uDavido (Nigeria), Distruction Boyz (South Africa), Fally Ipupa (DRC), Nyashinski (Kenya) noShekhinah (South Africa) obekhona kulo mcimbi.
Le ntokazi esicule ezingomeni ezehlukene zabaculi bakuleli okukhona kubo iMafikizolo noDonald, ithe uNkulunkulu ube mkhulu empilweni yayo.
“UNkulunkulu akakwenzelanga nje mina ngedwa lokhu kodwa nethimba lami lonke engisebenza nalo, esesidlule ezikhathini ezinzima kodwa sama saqina. Empilweni yami ngidlule ezintweni eziningi ezinzima kodwa ebengikwenza ukuqhubeka ngibheke phambili,” kuchaza yena.
Le ndondo uthe eyawo wonke umuntu wesifazane nentombazane esencane efisa ukuzibona iphumelela empilweni.