INSIZWA yaseNquthu, uThandazani Kubheka, ithi ikholelwa ukuthi impilo yayo isizoqala ibe ngcono njengoba izobonakala ohlelweni olukhombisa ngempilo yayo nozakwabo ababili abangabantu abafishane ohlelweni oluzoqala kuMzansi Magic.
INSIZWA yaseNquthu, uThandazani Kubheka, ithi ikholelwa ukuthi impilo yayo isizoqala ibe ngcono njengoba izobonakala ohlelweni olukhombisa ngempilo yayo nozakwabo ababili abangabantu abafishane ohlelweni oluzoqala kuMzansi Magic.
Le nsizwa esebenza embonini yamatekisi njengomphathi werenki, ithe kuningi abantu abazokufunda ngempilo yabantu abafishane sekuqala uhlelo iShortand Sweet, kusuka ngoJulayi7, ngo-8 ebusuku. Kulona, uThandazani uzobonakala noVuyokazi “Vovo” Nguqu waseKapa, noSikhumbuzo “Shota” Mkhize wasePortShepstone. UThandazani waseGubazi, khona eNquthu, uthe ukubone kuyisibusiso ukushutha lolu hlelo njengoba luzoshintsha impilo yakhe, ngenxa yokukhula kanzima.
“Ngihlanganiswe ngomunye usisi wangasekhaya nabantu abashutha lolu hlelo. Ngibone kuyithuba elihle kakhulu lokuvezela abantu ngempilo yethu nabazosizakala kakhulu uma belubuka njengoba ngazi ukuthi khona abanemibuzo ngathi. Ngiyathemba ukuthi bazokujabulela ukulibona,” kushouThandazani.
Uthe ukhuliswe wugogo, oshone enza uGrade 11.
Le nsizwa okumanje isebenza erenki yamatekisi eNquthu, ukuziphilisa, ithe ithemba ukuthi impilo isizoqala manje ibe ngcono.
“Umama washona ngimncane, ngakho ngikhule kanzima kwaphoqa ukuthi ngisiyeke isikole, ngiye kosebenza sekudlula ugogo emhlabeni.
Ngangena emkhakheni wamatekisi, njengoba ngiwumsebenzi khona,” kuchaza uThandazani.
Uveze ukuthi ukuqopha loluhlelo uyathemba kuzoshintsha impilo yakhe njengoba efunaukwakhela umndeni wakheumuzi.
“Ngibonga umama wengane yami nomndeni wami wonke abangesekile. Ngibonga nozakwethu embonini yamatekisi njengoba amehlo abantu abethe njo ngishutha la eNquthu, nokuyinto engajwayelekile kodwa bangeseka. Bekunzima ezinsukwini ezintathu zokuqala ukushutha ngagcina ngijwayele,” kuchaza yena.
AbeMzansi Magic bavezeukuthi laba bobathathu bangabantu abanezifiso eziningi empilweni, nabazobonakala befuna ukuzifezekisa.
Bathe bobathathu kuzovela besho izinto abazifisayo empilweni njengoba uVovo efuna ingane, uSkhumbuzo efuna isithembu kanti uThandazani yena efuna ukuqala umndeni nentombi yakhe yeminyaka.