KUBALULEKILE ukuthi uqale uzakhele udumo ngasendaweni yangakini ngaphambi kokusabalalisa umsebenzi wakho kwezinye izindawo.
Lona wumbono kaBongani “DJ 101” Zakuza (40) wasePort Shepstone, odumile kwezobumnandi kule ndawo.
U-DJ 101, useneminyaka eyibambile emkhakheni wezokungcebeleka ngoba aqala ngo-1997, ecula ikwaito esasesikoleni.
“Ngikholwa ukuthi uma uqala kumele uzakhele igama ngasekhaya wenze abantu basendaweni yangakini bakholelwe kuwe nomsebenzi owenzayo. Uma wesekwa ekhaya akukho okuyokuhlula,” kusho uDJ 101.
Uthe uyakholelwa endaweni yangakubo yingakho eyiqhakambisa ngezobuciko futhi efukula nabanye abafuna ukuchuma kulo mkhakha.
“Nginezindawo engiziphethe zokungcebeleka, okuyiSenzi’s Lounge eMargate naseKasi Life Shisanyama eMehlamnyama.
“Ngihlale ngiqasha abantu basendaweni kakhulu ngibanikeza inkundla yokuzibonakalisa. Baningi abadumile engingababala kushone ilanga engibasizile.”
Lo DJ ongagcini ngokuklwebha amapuleti uphinde abe ngumdidiyeli womculo.
Ngo-2010 wakhipha i-albhamu yakhe yokuqala ebizwa ngeSuparawkuz Vol 1 eyayigabe ngengoma ethi, Istayela nezinye.
“Emuva kwayo ngabe sengigxila ekwenzeni imicimbi, umculo ngawubeka eceleni. Ngeke ngithi ngawubeka eceleni, ngasuke ngajatshuliswa engangikwenza ngaleso sikhathi umculo ngiwenza kodwa ngingawukhiphi.
“Umvalelandlini ungisizile ngokuthi ngibuyele estudiyo ngoba ngivuse ingoma engayenza eminyakeni emihlanu edlule ngayithinta lapha nalapha.”
Le ngoma, ephume ngoLwesihlanu ibizwa nge-I Am Free futhi kucula kuyo uSlwane.
Uthe wayibhala ngoba efuna ukugqugquzela abantu ukuthi uma ubhekene nobunzima empilweni, usuke ungewedwa kodwa baningi nabanye abadlula esimeni esifanayo.
“Ungaze ufune ukuzibulala ngoba uzitshela ukuthi nguwe kuphela.
“Kuyenzeka kuwo wonke umuntu kodwa kumele ungalilahli ithemba futhi imicabango emihle bese uyenza izokukhulula.”
U-101 uthe uzimisele ngokuthi ayiphushe ingoma yakhe ize ifinyelele nakwamanye amazwe.
“Ngikholwa ukuthi sengikulungele konke okuhle okuzoza nale ngoma.
“Kule minyaka edlule ngiphinde ngagxila ekuthuthukiseni ikhono lami lokudijeya ukuze lapho ngidlala khona kuzosala umaka wokuthi bengikhona. Ngiyazi kuthathe isikhathi njengoba ngina-40 manje kodwa ngiyazethemba.”