INTOKAZI yaKwaMashu, uNomzamo Mbatha izizwa ikhethekile ngokulingisa indawo kaNandi emdlalweni Ushaka-Ilembe.
Lo mdlalo oqoshwa eGoli naKwaZulu-Natal, uNomzamo akagcini nje ngokuba ngumlingisi kuwo kodwa uphinde abe uphrojusa wawo.
Umdlalo Ushaka-Ilembe uzokhonjiswa kuM-Net ngonyaka ozayo.Esitatimendeni esikhishwe izolo abakwaMultichoice baveze ukuthi benze ucwaningo olunzulu ngalo mdlalo njengoba bahlangana neSilo esesabuza uZwelithini kaBhekuzulu noNdunankulu kaZulu inkosi Mangosuthu Buthelezi.
UNomzamo uthe kuyamthokozisa ukukhombisa abantu bakuleli impilo eyayiphilwa yiNdlovukazi uNandi.
“UNandi kwakungowesifazane omkhulu ebukhosini baKwaZulu. Ngalo mdlalo kuzokhunjuzwa abantu ukuthi ngabe siphuma kuphi njengesizwe futhi bazoqonda kahle ukuthi thina singobani. Ngizizwa ngisenhlanhleni ngokuba yingxenye yalo mdlalo omkhulu ngisho kunathi futhi okunye okungijabulisayo ngukuxoxa lolu daba ngolimi lwethu lwebele. Impi iyeza!” kusho uNomzamo.
Kuvele ukuthi umlingisi ozodlala indawo yeSilo uShaka, nguLemogang Tsipa kanti ozolingisa indawo yeSilo uShaka sisewumfanyana nguNtando Zondi.
UThembinkosi Mthembu yena uzolingisa indawo yenkosi uDingiswayo kuthi uWiseman Mncube alingise indawo yenkosi uZwide.UYolisa Phahle ongumphathi wezinhlelo zakuleli kwaMultichoice uveze ukuthi ukusungula kwabo lo mdlalo ngenye yezindlela zokuqhubeka nokuzibophezela ekukhiqizeni imidlalo yakuleli.
“Sifuna abantu bafunde ngomlando wethu namasiko kanti okunye esikufunayo ngukugcina ababukeli bethu bethe njo kulo mdlalo,” kuchaza yena.
Lo mdlalo uqoshwa yinkampani iBomb Production.U-Ungus Gibson uthe babophele abalingisi abanekhono eliyisimanga kulo mdlalo.
Uthe abantu bazobona umlingo ngoba abantu bazowuthakasela ngendlela emangalisayo. Uthe indlela abazogqoka ngayo, indlela izinwele zabo eziyiyona iyona ezokhanga kakhulu kuwona.
Uveze ukuthi bangu-8000 abantu abathole umsebenzi ngenxa yawo.