UMLINGISI osewole izindondo kuleli naphesheya kwezilwandle, uTerry Pheto, uthi kumenza azigqaje ukuthi ifilimu alingisa phambili kuyo, iFACES, izoqala ukukhonjiswa kuleli ngaphambi kokuthi idlulele kwamanye amazwe. I-FACES, okuyifilimu equkethe abalingisi bakwamanye amazwe abahlonishwayo, izoqala ukukhonjiswa ngokukhethekile kuleli ngeSonto emgubhweni wamafilimu, iDurban International Film Festival (DIFF).
“Ngiyazigqaja kakhulu ngokwethulwa kwaleli filimu ekhaya. Kuhlezi kungihlaba umxhwele ukusebenza nabalingisi nabakhiqizi bamafilimu bakwamanye amazwe. Angikuthathi kancane, kuyinto engiyithokozela kakhulu ukukhula kwegama lami ezingeni lomhlaba,” kusho uTerry.
I-FACES, eqoshelwe eLondon, e-United Kingdom, ifilimu eveza impilo yabantu ngokwehluka kwayo nezingqinamba ababhekana nazo. Ididiyelwe ngumqondisi wamafilimu ohlonishwayo emhlabeni, uJoseph Adesunloye.
Kubalingisi baphesheya abakule filimu kubalwa uShingai Shoniwa, Aki Omoshaybi (odume ngezindawo azidlale kwiThe Riot Kids, Kids in Love neStar Wars: The Last Jedi) Suzette Llewellyn nomlingisi waseFrance uMatthieu Charneau (The Bastard Executioner).
UTerry uzovela kwiFACES nje kulandela ukushaya into ecokeme kwenye ifilimu yase-UK, i-A United Kingdom alingisa kuyo indawo kaNaledi Khama. Le filimu nayo iqukethe omakadebona babalingisi okubalwa kubo uDavid Oyelowo noRosamund Pike.
Namhlanje uTerry Pheto uzobe eyingxenye yabesifazane abazobe besengqungqutheleni yabesimame eThe Lyric at Gold Reef City, eGoli.