LIYAKHULA isasasa ngomcimbi ohlelelwe ukunika amaciko asafufusa inkundla yokuzakhela igama emculweni kuleli, iRedbull Music Lalela. Umcimbi oqalwe nyakenye eThekwini, ngoLwesine olwedlule ubuseThe Warehouse eyasungulwa ngumrepha u-Aewon Wolf kanti ubudle ngazo zonke izinhlobo zamaciko asafufusa kuleli dolobha.
Kumaciko abenandisa kubalwa umrepha wesimame uNelz oseke waqokelwa ukuwina indondo kumaSouth African Hip Hop Awards, Cheese Manchild ongumculi oshaya i-hip hop neNeo Soul, Sibu Nzuza okhulele eRichards Bay, noMnqobi Yazo osebenze kakhulu neWolf Pack.
Umrepha uNelz oshaye adume ngazo kwiRedbull Music Lalela ngoLwesine eThe Warehouse. Isithombe: IAMKINGPVNDA ITheku eminyakeni edlule belibalwa nezindawo okunzima ukuzakhela igama kuzo uma usemusha emculweni. Omunye wabebesemcimbini, uSanele Dlamini, ukushayele ihlombe okwenziwe yiRedbull.
“Kuvamile ukuthi uma kunemcimbi abahleli bayo bazame ukusiheha ngamagama abantu abakhulu. Kulona kungijabulise kakhulu ukubona amanye amaciko angakaziwa kangako. Bese ngike ngezwa ngoNelz noCheese Manchild kodwa bengiqala ukubabona beshaya into yabo esteji,” kuchaza yena.
Umethuli wezinhlelo obephethe uhlelo kulo mcimbi u-Asanti Chiliza abaningi abamazela kwiMTV Base VJ Search. Isithombe: IAMKINGPVANDA
Kulo mcimbi bekungenwa mahhala uma uzibekisele indawo kanti uyaqhubeka naseCape Town.
Umcimbi olandelayo weRedbull Music Lalela uzoba ngo-Okthoba 14, eThekwini kanti abahleli balo mcimbi baveze ukuthi amaciko afisa ukucula kuwo sebezokwazi ukubhalisa kwi-website yabo.