KULO nyaka ngeke ngingabheki emuva la sisuka khona nale ngosi ebheka ikakhulukazi abasakazi abaseziteshini zomphakathi nezinkulu kuleli.
Le ngosi yeSolezwe iphuma njalo ngoLwesine kuyona sisuke sikhuluma nabasakazi ngezinto ezibenze bangena emsakazweni namaphupho abo kulo mkhakha.
Iziteshi zomphakathi akumele zibukeleke phansi njengoba iziteshi ezinkulu zigcina zibheka kuzona uma zifuna ithalente elisha.
Eminyakeni edlule imisakazo emikhulu ike yakuziba kancane ukubheka ithalente kulezi ziteshi kodwa kulo nyaka ubulungiswa benzekile.
Emsakazweni Ukhozi FM bathathu kulo nyaka abasakazi abaphume eziteshini zomphakathi bajoyina lesi sikhondlakhondla.
Kubo kukhona uThokozani “MaFresh” Mpungose obesemsakazweni Izwi LoMzansi, osakaza uhlelo oluthi Akulalwa kuKhozi FM.
Kukhona noLindani “Lee” Hlophe obesemsakazweni Inanda FM, oKhozini osakaza uhlelo Isigqi Sezwe neNamba Namba.
Owokugcina yintokazi uNonhlanhla “Mdonso” Ngcobo osakaza uhlelo lukamaskandi iSigiya Ngengoma.
Lo msakazo uphinde walanda uZandile “Zeal” Dladla obesakaza esiteshini iVuma FM.
UKhozi lwenze into encomekayo nenginethemba lokuthi ivuse ithemba kubasakazi abaningi lokuthi ngelinye ilanga bangasebenza emisakazweni emikhulu.
Le ngosi kukhona iqhaza ebe nalo ekusizeni abasakazi beziteshi zomphakathi.
Ngesikhathi uMaFresh eqala oKhozini ukuthi washayela omunye wozakwethu ucingo ebonga ngokumnika ithuba ngokumveza kuyona le ngosi.
Ekuqaleni kwalo nyaka ngikhulume noNjinga The Icon manje osemsakazweni Igagasi FM.
Lo msakazi ubesemsakazweni womphakathi iDYR.
Manje usakaza uhlelo iWeekdays with Njinga The Icon. Naye wabonga yona le ngosi ngokumnika ithuba elamvulela ayekade ekufisa kwezokusakaza.
Nangonyaka ozayo lisazovela ithuba emisakazweni emikhulu njengoba njalo ngonyaka kwenziwa izinguquko ezinhlelweni.
Ngiyathemba ukuthi abasakazi bazoqhubeka nokuzinikela kuze kufike isikhathi sokuthi bathole amadlelo aluhlaza baye eziteshini ezinkulu.
Nabaphathi beziteshi zomphakathi ngeke singababongi ngokucathulisa abasakazi abasakhula kulo mkhakha baze bavuthwe. Angingabazi ukuthi nabo bayaziqhenya uma abasakazi babo sebethola amadlelo aluhlaza.
Ngeke futhi ngingaphawuli ngokubona kwanda iziteshi zomphakathi emadolobheni ehlukene KwaZulu-Natal.
Ngiyathemba ukuthi amadolobha okukhona kuwo iVryheid, Dundee, Bergville, Stanger namanye azobonela kwamanye azame ukuvula iziteshi zomphakathi ukuze kusizakale intsha enamakhono.