UNOMZAMO Mbatha odlala indawo ephambili yeNdlovukazi uNandi kwiShaka ILembe, osekusuke ingxabano emndenini wayo Isithombe: INSTAGRAM
SEKUXABANE umndeni weNdlovukazi uNandi ngenxa yomdlalo Ishaka iLembe, njengoba usolana ngokuthi kukhona asebehlomulile ngawo, abanye besafuna inkokhelo ngawo.
Ingxabano iphakathi kukaMnuz Mhlathuze Mhlongo nomfowabo wasemndenini uNqobani Mhlongo owaziwa ngeNkosi Mbhengi II kaBonginkosi Mhlongo.
UMhlathuze ukhala ngeNkosi Mbhengi, ukuthi yiyona ehlangane nabeBomb Production neMultichoice badukisa umlando njengoba kunezikhalo ngomdlalo iShaka iLembe ukuthi uveza okungeyikho ngomlando weLembe nabantu bakwaMhlongo.
“Kuyangixaka ukuthi kuvele uNqobani (iNkosi Mbhengi) esekhulumela abakwaMhlongo, ekubeni esendlini encane. Yimina okhulumela umndeni kaNandi njengoba ngisho nedlinza lakhe lalungiswa yinhlangano yami engenzi nzuzo ngoba yimina oqondene nendlu aphuma kuyona.
UNqobani ungowasekhohlwa, akakwazi ukukhuluma into ethinta umndeni kaNandi sibe sisekhona thina abendlu eqondene. Inkinga yakhe wukuthi ulandele ibhodwe eliconsayo, waze wakhohlwa nawukuqondisa umlando ejahe imali ayithola ngalo mdlalo.
Ngisho naseBallito lapho sasibizwe khona ukuzoqondisa umlando weLembe, wayengekho uNqobani njengoba esevumbuka manje. Le nto ayenzile isidale omkhulu umonakalo emndenini futhi iyawucasula umndeni,” kusho uMhlathuze.
Kuthintwa iNkosi Mbhengi, ithe kuyiqiniso ukuthi ngeyasendlini encane kodwa inelungelo eligcwele lokukhuluma ngomlando kaNandi.
“Lokho kungenxa yokuthi endlini kaNxazonke engiphuma kuyona, yiyona eyasala nobukhosi bakwaMhlongo eLangeni. Ubhuti uMhlathuze anginanxa naye kodwa inkinga yakhe wukuthi uhlohlwa ngabantu futhi akalikhulumi iqiniso.
Naye ungowasendlini kaNxazonke kodwa wakhishwa yena ngokosiko, wafakwa endlini kaMgabhi. Uyakwazi naye ukuthi uMgabhi akazange abe yinkosi kodwa kwaba wuNxazonke owaba yinkosi.
Njengoba akhishwa endlini kaNxazonke akanalungelo lokukhalela izinto eziphethwe endlini yakhe,”kusho iNkosi Mbhengi.
Ngokwenkokhelo ngeShaka Ilembe, uthe akukho mali aseyitholile ngalo mdlalo.
“Mina ngisenethemba lokuthi inkokhelo siyoyithola siwumndeni uma usudlalile waphela umdlalo futhi yinto esingakayixoxi nabalo mdlalo.
Into engisayitholile ngawo yizinkomo ezimbili ezalethwa ngabakwaZulu, bezokhuleka ngazo ngaphambi kokuthi kuqale umdlalo.
Ngokudukiswa komlando, sinesivumelwano nabeBomb Production ukuthi bazowuqondisa ngesizini yesibili. Bakubeka kwacaca ukuthi okwamanje kusewumdlalo nje owenziwe ngenhloso yokujabulisa abantu futhi bakucacisa ukuthi kabenzi iqophamlando lapho kumele bakhulume khona iqiniso,” kusho iNkosi Mbhengi.
Related Topics: