UTSHOLOFELO Matshaba ube nonyaka onzima ngemuva kokudlula emhlabeni komyeni wakhe, uChris Matshaba, owayengumethuli wezinhlelo kwaSABC futhi engusomabhizinisi, owadlula emhlabeni ngemuva kokugula ephethwe umdlavuza, ngoFebhuwari 2018.
Ngemuva kwaleso sehlo lo umlingisi usezinikele ngempilo yakhe yonke ekulingiseni.
Lokhu kubonakala endaweni ayilingisayo emdlawelweni iThe Throne, kuMzansi Magic.
Kuwona ulwa kanzima ngokuthi ufuna ukuba yindlovukazi yaseKweneng, uChristine Odirile uzilungisela ukuthi enze konke okusemandleni ukulungisa konke abona sengathi akwenzekanga kahle kuyena.
Lokhu kwacaca ngesikhathi ebulala umshana wakhe uMosestana, wamgqiba ethuneni elingashoni.
UMosetsana kwakufanele angene esihlalweni sobukhosi sikanina, indlovukazi Mosadi.
U-Odirile esekwenzile lokhu waqhubeka wadlisa ushevu indlovukazi uMosadi uwamenza wabukeka njengohlanya ukuze ezokwehla esihlalweni sobukhosi.
Kukhona konke lokhu waphumelela. Kodwa kwaba okwesikhashana njengoba indlovukazi uMosadi yabuyela ngokushesha esihlalweni sayo sobukhosi.
Wazenza umuntu oshintshile okwesikhashana. Kodwa akahlukananga nokukhohlakala, njengoba esazimisele ngokuba indlovukazi enamagqubu.
Lapho ngimbuza ngokulingisa indawo yalesi sikhohlakali uthe: “Ngisaqala ngangicabanga ukuthi ukuba kulo mdlalo kusho ukuthi ngizolokhu ngilingisa into eyodwa. Kodwa ngase ngabona ukuthi empilweni yangempela ngisho namawele kukhona okuhlukile ngawo. Noma angafana kodwa kukhona okukodwa okuwenza ahluke.
“Kepha vele ngokwendalo kuzoba khona ukufanana. Sengifunde ukuthi ngizame ukunika abalingisi abafanayo impilo engafani njengoba abanye babengibheka ngeso likaMeme,” kusho uTsholofelo.
UTsholofelo waziwa kakhulu ngokulingisa indawo kaMeme oyiqola elinenkohliso kuMuvhango kuSABC 2.
Ebuzwa ukuthi wakwenza kanjani ukuthi ayilingise kahle kanjena indawo kaMeme eyayigcwele ububi uthe: “Inkakha yomlingisi, uDr John Kani wangibuza kudala umbuzo lapho sasihlangene khona, kukhona esikufundayo nami ngiyingxenye yababekhona.
Wathi kimi: ‘uyilungisela nini indawo oyilingisayo futhi kanjani? Angikaze ngimphendule kodwa wuyena futhi owanginika impendulo wathi wena ubuhlala uzilungiselela impilo yakhe yonke kuze kube manje.
Ngakho ukuphendula imbuzo wakho, empilweni yami ngake ngahlangana no-Odirile, ngake ngezwa ngaye ngaphinde ngafunda ngaye. Yingakho ngilingisa ngendlela ayiyona manje engambona eyiyona.
Echaza nangomcabango ayenawo ngesikhathi efunda ngalo mlingisi futhi ecabanga ukuthi uzomlingisa kanjani, uthe wavele wajabula njengoba abona umuntu ongathi umngani wakhe.
“Okwangijabulisa kakhulu nje ukuthi lo mdlalo uqanjwe ngolimi engiluncele ebeleni, iSetswana.
U-Odirile uyilomuntu owenza udinwe ngendlela engachazeki. Lo mdlalo indlela nami ongithathe ngayo nowenzeka ngayo, ungenze ngaba nesikhathi esinzima ngezinye izinsuku.
“Akubanga lula njengoba ngesinye isikhathi kuke kube sengathi ugula ngekhanda lo mlingisi.
Ngezinye izikhathi uyakwazi ukwenza izinto ezilungile kubantu asondelene nabo,” kuchaza uTsholofelo.
Into athe uyithanda kakhulu ngendawo ayilingisayo ukuthi ukhululekile ngolimi olusetshenziswayo, ukudlala nokubuye ngiziveze ukuthi ngingubani kahlehle uma ngingalingisi nokuba nobudlelwano obuhle nabaqondisi balo mdlalo.
Umdlalo iThe Throne udlala njalo ngoMsombuluko kuya ngoLwesine kuMzansi Magic (DStv channel 161) ngo-7 ebusuku.