UWUQEDE ngezinga eliphezulu unyaka umrepha wakuleli uKwesta, okuthe emcimbini amaSA Hip Hop Awards, wahlonishwa ngezindondo eziyisithupha.
Umcimbi ubuseThe Lyric Theatre, eGold Reef City, eGoli, ngoLwesithathu ebusuku.
UKwesta, ingoma yakhe ethi Spirit i-video yayo eyathandwa kakhulu, iyona emenze wawola lezi zindondo.
Ekhuluma ngokuwina kwakhe kulo mcimbi uKwesta ubhale kwiTwitter ukuthi engomeni elandelayo kumele apike uDrake.
“Ngiwumele umculo we-hip hop futhi lezi zindondo zisho lukhulu kimina,” kusho uKwesta.
Le nsizwa ihlonishwa ngalezi zindondo nje isanda kumenyezelwa njengomrepha ohamba phambili kulo nyaka kwiMTV Base.
Uphinde waphakamisa elakuleli ngesonto eledlule ehambisa umculi waphesheya uRick Ross kugogo wakhe eKatlehong.
Kulo mcimbi omrepha baKwaZulu-Natal nabo benze ezibukwayo njengoba uZakwe, Nasty C noBig Zulu behlonishwe eminxeni ehlukene.
UNasty C, uhlabane ngezindondo ezimbili, eyeBest Male neye-Album of the Year.
UZakwe uhlabane ngendondo yeBest Remix ngengoma yakhe ethi Sebentini.
UBig Zulu osanda kungena kulo mkhakha, uhlabane ngendondo yeBest Fresh Man, emicimbini eminingi eyaziwa ngeBest New Comer.
Umethuli wezinhlelo ophinde abe ngumculi, uNomuzi Mabena, ukhale wemuka nendondo yeBest Female.
Abanye abahlonishwe kulo mcimbi nguCassper Nyovest, Gemin Major, Speedsta, Stogie T, Aewon Wolf
nabanye.
Lo mcimbi ubuqoshwa njengoba ngoDisemba 29 uzobe ukhonjiswa kuSABC1.