UMCULI we-Afro pop, uVusi Nova, uthi imphathe kabi indaba yokuchashwa ngenhlamba ekhasini lakhe kuFacebook njengoba kukhona abamsola ngokuchema engomeni yakhe eshisa izikhotha ethi Asiphelelanga.
Izolo abalandeli bakamaskandi basole lo mculi ngokungabenzi ubulungiswa kule ngoma njengoba iningi labaculi ebelicula umculo ohlukene asebadlula emhlabeni ebabiza kule ngoma kodwa abakamaskandi akukho ngisho oyedwa ambalayo.
Kube nomsindo ekhasini lakhe abalandeli bezihlabani ezahlukene esezadlula bethi akayiqale phansi le ngoma abale nabakamaskandi.
Ekhuluma neSolezwe uVusi uthe inhliziyo yakhe iyaqaqamba.
“Ngibonile okwenzeka ekhasini lami futhi kungishiye ngidumele. Okumele bakwazi abantu ukuthi bengingeke ngikwazi ukubiza wonke umculi wakuleli osashona kule ngoma. Kodwa futhi ngihlale ngikusho ukuthi le ngoma ngihlonipha ngayo lonke iciko lakuleli eseladlula emhlabeni,” kuchaza uVusi.
Uthe injongo yakhe ngale ngoma bekuwukubonga emacikweni okukhona kuwo uLucky Dube, Brenda Fassie namanye alwa ngomculo elwela inkululeko.
“Ngiyabonga kubona bonke abakhombise uthando ngale ngoma bengingacabangi ukuthi abantu bazoyamukela ngalolu hlobo. Uma ubheka uyabona ukuthi
kwi-albhamu le ngoma isekugcineni kodwa abantu bayithande ikhona lapho. Lokhu okwenzekile kusho lukhulu kimina,” kuchaza yena.
UVusi uveze ukuthi izolo bajabulele ukuthi le albhamu ngenyanga nje eyodwa iphumile ibisifinyelele esigabeni segolide.
Abantu bakhale kanje ekhasini likaVusi.
UMfan’womzulu Xulu II uthe: Buyela e-studiyo nkunzi asijabulile ngale ngoma.
UMvikeli Wosaziwayo eMelmoth Dlems uthe: Vusi mfowethu ngiyacela uphindele estudiyo ulungise le ngoma ufake igama likaMgqumeni Khumalo.
ULuluh Zama Ngwane Zikhali uthe: Kodwa yini ungamfakanga uMfazomnyama?