UMFELOKAZI womlingisi weRhythm City owadutshulwa ngababezama ukumduna imoto ngonyaka odlule, uthi usevuke wazithatha ngemuva kokushona komyeni wakhe njengoba esekhiphe ingoma entsha eyashiywa yilo mlingisi.
USimphiwe “Simz” Ngema, naye ongumlingisi, ukhiphe ingoma ethi Uphushiwe athe izotholakala ngesonto elizayo kwi-internet.
Kwenzeka lokhu nje, amaphoyisa asanda kubopha umsolwa wesithupha kuleli cala.
Ekhuluma ohlelweni lwasekuseni kwiMetro FM izolo, uSimz uthe isimo abhekana naso asijwayeleki ngoba akekho okulungiselela ukuba wumfelokazi uneminyaka engu-27.
“Ngemuva kokushona kukaDumi amaphupho ami ashabalala ngoba sasiphupha ndawonye. Kwakumele ngiqale phansi,” kusho uSimz.
Uthe babehlela ukuba nezingane futhi sebeziqambile namagama.
“Kwakumele ngiqale phansi ngikhumbule ukuthi uSimphiwe ngubani ngaphambi kukaDumi nokuthi amaphupho kaSimphiwe ayethini ngaphambi kukaDumi. Lokho kwakuyinto enzima. Ubaba wami kwakumele angihlalise phansi athi angilalele ngoba uyazi ukuthi le nto inzima kodwa kumele ngikhumbule ukuthi ngingubani, ngangingubani futhi ngikhumbule amaphupho ami.”
USimz uthe uhlale ebuza kuNkulunkulu ukuthi wayecabanga ukuthi uqine ngokwanele ukumelana nalesi simo.
Ubuye waveza ukuthi ngesikhathi ehleka okokuqala ngemuva kokushona kukaDumi kwaba wumuzwa ongajwayelekile kodwa kwaba yigxathu lokuqala lokuthi aqhubeke nempilo yakhe.
“Ngiyacabanga ngokuqhubeka nempilo kwezothando kodwa lokho kusangithusa. UDumi wayengitotosa engenzela konke futhi kunendlela ayengiphatha ngayo. Kimi uma ngicabanga ngalokho ngithi ‘yo’, ikhona kodwa indoda eyokwazi ukumelana nami.”
Uthe usekubekele ezandleni zikaNkulunkulu ngoba nguye ongakwazi ukumnika indoda emfanele.
Kubuye kwavela ukuthi lo mlingisi usejoyine Isidingo sakuSABC3. Yize ebemanqika ukukhuluma kodwa uthe uyakujabulela ukuthi uzobe esebenza nomngani wakhe uJo-Anne Reyneke naye osanda kujoyina lo mdlalo.