UCASSPER Nyovest oqophe umlando egcwalisa inkundla iFNB eNazrec ngoMgqibelo useveze ukuthi ujabulile ngendlela umcimbi wakhe iFillUpFNB obe yimpumelelo ngayo.
Lo mrepha ube ngundabamlonyeni ngemuva kokwenza umcimbi omkhulu kuleli lapho ebejabulisa khona abalandeli bakhe ngomculo.
Kuwo ubebize abaculi abahlukene abebezojabulisa izihlwele ebeziphuma kulo lonke leli.
Enkundleni yokuxhumana uTwitter uCassper uthe uthokozile ngendlela izinto ezenzeke ngayo.
“Ngingomunye wabantu abajabulile. Kwenzeke konke, kuningi okumele ngabe ngiyakusho kodwa ngizokhuluma ngalo mcimbi ekuhambeni kwesikhathi. Engingakusho manje uNkulunkulu mkhulu,” kuchaza yena.
Kwenzeka lokhu nje uCassper uveze ukuthi ngonyaka ozayo lo mcimbi uza eThekwini eMoses Mabhida.
Abantu baseThekwini bakujabulele ukuzwa lezi zindaba njengoba bethe sebewulinde ngabomvu lo mcimbi.
U-theeonlythuli uthe, “Ini? Ngizobe ngikhona”.
ULindi Mabaso uthe, “Ngizobe ngikhona futhi sengikulungele kuba khona”.
UNtsieni Humbulani, uthe “Ngiyazibona ngidansa eduzane kwakho”.
UWendy Shangase uthe, “Siyabonga, besihlala sihambela imicimbi yakho kusuka kowawenza eThe Dome. Besikhona eFNB, sizoba khona naseThekwini”.
USne Gumede uthe, “Siyacela lo mcimbi kungaculwa izingoma zehip-hop kuphela. Faka oDJ bomculo wehouse, DBN Kwaito ungawukhohlwa umaskandi”.
IFNB yinkundla yesithathu uCassper aseyigcwalisile njengoba aqala ngeThe Dome egcwala ngabantu abangu-20 000 ngonyaka odlule.
Walandela ngomunye e-Orlando Stadium emumatha abantu abangu-40 000, nakuwona wayigcwalisa le nkundla.