UMREPHA weMotswako, uTuks Senganga, uthi omrepha bamanje baziculela ngezinto ezingathi shu.
UTuks, uzakhele udumo eminyakeni eyedlule ngezingoma okubalwa kuzo ethi 525 600 Minutes, I Love You Back, nezinye eziningi.
“Angazi ngizizwa kanjani ngomculo wamanje kodwa usho lukhulu ngesikhathi esikuso. Umyalezo okhona manje awushayi emhloleni. Akungithinti konke okuculwa ngako ngoba kuzitshwa izinto ezibalulekile esibhekene nazo njengesizwe.
“Kumele kubhekwe isimo sepolitiki kuphinde kubhekwe nezinto ezisikhungethe njengesizwe hhayi ukucula nje,” kusho uTuks.
Uthe yena wazi ukuthi i-hip hop ngeyokudlulisa umyalezo othize futhi inamandla okuguqula indlela abantu abenza ngayo izinto.
UTuks uveze ukuthi unethemba lokuthi ukhona umculo omusha azowukhipha kulo nyaka.
“Anginaso isikhathi engizikalele sona kodwa ngithemba ukuthi kube yilo nyaka. Ngifuna ukukhipha into eqinile. Ngiyazama, sizobona ngokuhamba kwesikhathi,” kusho yena.
Ezinkundleni zokuxhumana kuke kwasabalala isithombe siveza owesilisa ogqoke umfaniswano wamaphoyisa kuthiwa nguye.
“Angikaze ngisibone ngisho ukusibona leso sithombe,” kusho uTuks.
Uthe yena uphinde abe nguDJ.
“Ngiziphushela lokho okwamanje. Ngidlala kakhulu umculo we-house oshaya ngesigqi esipholile, umbhaqanga, umculo wokholo neMotswako.
“Ngizobona kuthi kuhamba kanjani mhlawumbe ngizogcina sengidlala ezindaweni zobumnandi. Okwamanje kodwa ngidlala uma kuwumcimbi okhethekile kuphela.