ISILOMO somsakazi woKhozi FM, uKhathide “Tshatha” Ngobe, sithe sesiyikhathule kwanela indima yaso kumaskandi emsakazweni.
“Ngiyolalela abaphathi ngokuthi bayangithuma yini ohlelweni lukamaskandi kodwa ngokwami sengikwenzile okwakumele ngikwenze,” kusho uTshatha.
Lo msakazi owethula uhlelo iWoza Nabangani Bakho ngo-3 kuya ku-6 ntambama phakathi nesonto, ukusho lokhu ngemuva kokuhlonishwa kwakhe ngendondo yeLifetime Achievement Award kumaSouth African Traditional Music Achievement Awards (Satma) abeseMmabatho Convention Centre, eMahikeng, eNorth West, ngoMgqibelo ebusuku.
UTshatha uhlonishwe ngeqhaza lakhe ekuqhakambiseni umculo kamaskandi.
“Ngethuka ngesikhathi bengitshela ukuthi ngizohlonishwa. Ngisemncane kulo mculo, yingakho bethe abangihloniphe ngingaze ngiguge,” kusho uTshatha, othe uyaziqhenya futhi uyajabula.
Uqhube wathi: “ Yinto enhle kakhulu ngoba kuyakhombisa ukuthi umuntu uwusebenzele umphakathi. Baningi abaculi engibenze baziwa, ngingababala kushone ilanga. OMgqumeni, Mtshengiseni noShwi noMtekhala badume kuseyimi engethula umaskandi.”
Kulo mcimbi bekunandisa bukhoma abaculi abahlukene okubalwa uSjava, KB Motselanyane, Distruction Boys, Mafikizolo, Abathandwa, Papa Penny nabanye.
Uhla lwabanqobile kweminye iminxa lumi kanje:
Best Tradional Radio Presenter of the Year - Monwabisi (uMhlobo Wenene FM)
The Lasting Legacy Award - Legend Rex Rabanye
Best Maskandi Group - Abafana BakaMgqumeni
Best Traditional Music Airplay Radio Station of the Year - Ligwalagwala FM
Best SiSwati album - MaKhalisa
Best xiTsonga - Benny Mayengani
Best Sepedi Album - Tau Sebata
Best Arts and Culture Award - Limpopo Province
Best Vernacular Hip Hop Song - Lil D Dakid
Best Song of the Year - Smangele (Is’gwebo Sentambo)
Best Traditional Music Radio Programme of the Year - Lavuth’iBhayi (Umhlobo Wenene FM)
Best Traditional Community Radio Dj - Mc Pholobas (Izwi LoMzansi)
Best Maskandi Album - Amagcokama (I-Crush Yami)
Best Sesotho Album - Mohase