UBONGE wanconcoza kubalandeli bakhe usomahlaya uTrevor Noah kulandela ukuphinde amenyezelwe njengomunye wabaqokwe kuma-Emmy Awards alo nyaka.
UNoah uveze lezi zindaba eseRussia nokuyilapho eyobuka khona imidlalo yeNdebe yoMhlaba.
Uthe uhlelo alwethulayo iThe Daily Show, luqokwe emikhakheni emithathu kulo nyaka.
Ku-Instagram uNoah ufake isithombe esimveza eme ngaphambi kwamabhilidi ayimibhoshongo aseRussia. Ubhale wathi: "Ngivakashe la eRussia izinsuku ezintathu ngizobuka ibhola sengithola izindaba zokuthi uhlelo engilwethulayo iThe Daily Show luqokwe kathathu.
"Ngesikhathi esilandelayo ngiyohlala isonto lonke ngibuye sengizongenela isikhundla esokuba ngumengameli wezwe.”
Ubonge kwabamesekile, ozakwabo nalabo abangaphuthwa wuhlelo selokhu lwasungulwa ngokuqokwa.
A post shared by Trevor Noah(@trevornoah) on Jul 12, 2018 at 2:47pm PDT
Ukuqokwa kukaNoah
kungenxa yohlelo lwakhe alwethulayo iThe Daily Show e-USA esakazwa emazweni amaningi omhlaba.
Sekungokwesithathu eqokwa kulezi zindondo. Ezikhathini ezimbili zaphambilini ubashaye emakhanda abekade eqhathwe nabo.
-AP