UZOKHIPHA i-albhamu yakhe yokuqala ezimele umculi wegqom, uTipcee, obegubha usuku lwakhe lokuzalwa endaweni yobumnandi iRich Durban, ngoMgqibelo ebusuku.
UTipcee waqala ukugqama esacula eqenjini lekwaito eselafadalala, iChaos, eyayiqopha ngaphansi kwe-745 Records kaSosha. Njengamanje uqopha e-Afrotainment kanti selokhu efikile ulokhu ekhipha izingoma ezihamba ngazodwa noma epikwe ngabanye abaculi.
Imenenja yakhe, uSenzo Shezi, itshele leli phephandaba ukuthi le ntokazi imatasa ipheka i-albhamu estudiyo.
“Lo nyaka ngowakhe njengoba odlule bekungokaDladla Mshunqisi. Uzokhipha i-albhamu yakhe yokuqala njengoTipcee futhi sibheke ukuthi iphume ngoMeyi noma ngoJuni. Izingoma eziningi usezenzile mhlawumbe uzokhipha ayenze noBabes Wodumo avule ngayo,” kusho uSenzo.
UDLADLA Mshunqisi eqhulula amanoni akhe emcimbini kaTipcee ngoMgqibelo ebusuku
USenzo ubekhuluma naleli phephandaba ngemuva komcimbi wokugubha usuku lokuzalwa kukaTipcee eSpringfield lapho lo mculi ebegubha iminyaka engu-31.
Abantu bebephume ngobuningi babo futhi iningi labo bebeyizimenywa. Phakathi kwabebekhona kubalwa kubo umlingisi woZalo uKhaya “GC” Dladla, abalingisi beHostela kuMzansi Magic uLungelo “Khethiwe” Mpangase noThobani “Mndeni” Dlomo Nzuza nabanye.
Bekunandisa uDJ Tira, Dladla Mshunqisi obize “usingaye” ukuthi azonandisa naye esiteji, Distruction Boyz, Beast, Madanon, Meech nabanye.