Ezokungcebeleka

Uthuthela e-ICC umcimbi wokuhlonipha amagalelo embokodo

Sizwe Blose|Published

UBABY Cele oqokwe kumaSebenza Women Awards Isithombe:SITHUNYELWE

UKHULA ngesikhulu isivinini umncintiswano wezindondo ohlonipha igalelo labesifazane abenza kahle emikhakheni ehlukene. Le miklomelo ebizwa ngamaSebenza Women Awards, yasungulwa nguKini Shandu, ozakhele udumo emsakazweni nakwithelevishini. Phambilini umcimbi wezindondo ubuwenzelwa eNto’s Boutique Hotel, nase-Octavia Hotel, eNanda.

Kumanje kuhlelwe ukuthi umcimbi wezindondo wenzelwe eNkosi Albert Luthuli International Convention Centre, edume nge-ICC, eThekwini. UKini uthe nonyaka bazogubha iminyaka emihlanu selokhu wasungulwa umcimbi wezindondo.

“Njengoba siya e-ICC silindele abantu abangaphezulu kuka-450 abazohambela umcimbi. Sineminxa engu- 23 ezongenelwa kanti abazoncintisana kuyona bangu-94,” kuchaza uKini.

Wathi okwamanje abakaludaluli usuku kanjalo nabaxhasi bomcimbi kodwa bazokwenza lokho kungekudala.

UDELI Malinga, olingisa kuMkhokha, ungomunye wabaqokiwe kumaSebenza Women Awards Isithombe:SITHUNYELWE

Iminxa evotelwayo njengoweCommunity Builder of the Year, neSocial Media of the Year, inelikhulu isasasa ngoba abantu bAvota ngobuningi babo. Kule minxa kuboshelwe abantu abanjengoDeli Malinga, Khwezi Ndlovu, GlamDlozi, Maka Chicken, Jacinta Ngobese, Ncumisa Ndelu, Baby Cele, Bingelela Mpanza, Carlyle Mboto, Velile Makhoba, Phindi P nabanye.