INSIZWA yasePort Shepstone, uLindokuhle Magedezi,edume ngelikaMlindo the Vocalist, ithi isathukile ngokuthola izitifiketi eziyisikhombisa ngomculo wayo owenze kahle.
UMlindo uthole izitifiketi okukhona kuzo ese-albhamu ethi Emakhaya edayise yaze yathola i-Platinum. Uthole amaPlatinum amabili ngengoma ethi, Amablesser.
Ingoma yakhe ethi Macala apike kuyo uKwesta, Thabsie noSfeesoh idayise yafika kuPlatinum.
Izingoma zikaMlindo Egoli, Usbahle nethi Emakhaya zidayise zathola igolide.
“Uyazi angikholwa, ngisathukile namanje. Lona kube wunyaka omuhle ngempela kimina njengoba ngisanda kuqokwa emikhakheni ehlukene kumaSAMA kodwa manje sekuvela lokhu. Ngiyabonga angiqedi,” kusho uMlindo.
Uthe konke lokhu kwenziwe wuthando alukhonjiswe ngabalandeli abathande umculo wakhe.
“UNkulunkulu ube muhle njalo kimi. Ngiyabonga kuwona wonke umuntu ongixhasile endimeni yomculo. Ngibonile ukuthi niyangithanda. Ngiyabonga enkampanini engiqopha kuyo, iSony Music, abaculi engisebenze nabo, uBlaqboy, Sjava ngengoma esiyenze sonke ethi Egoli. Ngeke ngimshiye ngaphandle uDJ Maphorisa ngakho konke angenzele kona kule ndima,” kusho uMlindo.
UDJ Maphorisa uthe wabona behlangana okokuqala noMlindo ukuthi uzoba ngumculi omkhulu futhi uyaziqhenya ngaye.