Ezokungcebeleka

Uthole uthando olusha umsubathi owabulala intombi

Intatheli YeSolezwe|Published

Oscar Pistorius Isithombe: Sigciniwe

UMSUBATHI owagwetshwelwa icala lokubulala intombi yakhe u-Oscar Pistorius, kubikwa ukuthi usejola nomngani womndeni wakhe uRita Greyling.

U-Oscar wadubula wabulala uReeva Steenkamp, ngosuku lwezithandani ngo-2014, wagcwetshwa iminyaka engu-13 ejele. Uhlale iminyaka eyisishiyagalolunye ejele ngaphambi kokudedelwa ngoshwele ekuqaleni konyaka.

URITA Greyling okuthiwa ujola no-Oscar Pistorius Isithombe: INSTAGRAM

Kuthiwa usejola nosomabhizinisi uRita, ngokubika kweNetwerk24. Kuthiwa bafuna ukufihla ngobudlelwano babo okwamanje. Umthombo osondelene no-Oscar ucashunwe uthi uzama ukwakha kabusha impilo yakhe futhi uyazigwema izindawo zokudlela nezomphakathi ngoba ufuna ukuba sesithe.

Lo mgijimi ophila nokukhubazeka uhlala emzini womfowabo kayise omncane u-Arnold Pistorius, ePitoli.