USHONA Ferguson ohlabane ngendondo emcimbini waphesheya kwezilwandle amaHAPA Awards nala uShona ethole khona indondo yeBest Actor ngendawo ayilingisa kufilimu i-Kings of Jo’Burg. Kulo mcimbi le filimu ihambe nezindondo ezintathu Isithombe: INSTAGRAM
UNKOSIKAZI kaShona Ferguson, uConnie useveze ukuthi ubonga uNkulunkulu ngokuhlonishwa komyeni wakhe emcimbini waphesheya amaHollywood and African Prestigious Award (HAPA).
Kulo mcimbi uShona ukhale wemuka nendondo yeBest Actor, ngendawo ayilingisa kumdlalo iKings of Jo’Burg kaSimon “Vader” Masire.
Lo mdlalo okhonjiswa kwiNetflix awugcinanga lapho, uphinde wathatha ezinye izindondo ezimbili; eye-Outstanding Drama Series in Africa, kwathi umlingisi uCindy Mahlangu wahlabana ngendondo yeBest Supporting Actress ngendawo ayilingisayo kaPhumzi.
UConnie uthe ujabule ngendlela engachazeki ngokuhlabana kukamyeni wakhe ngale ndondo.
“Ukuzinikela kwakhe nokujula ngomcabango uma kukhona ofuna ukukusungula nethalente obunalo, kuhambe ibanga elide kunganakiwe kungahlonishwa futhi, kodwa awukaze uphelelwe umdlandla wecebo namasu obunawo eFerguson Films. Ukuthi ngiyaziqhenya ngawe ngabe ngikwehlisa isithunzi, ubuphupha ngokuningi futhi uzikhandla uma usebenza, impela ubungumphathi omangazayo, uhlale umamatheka,” kusho uConnie.
Uthe uyamkhumbula kakhulu umyeni wakhe, futhi uyambongela ngempumelelo yakhe.
Zontathu lezi zindondo zamukelwe umfowabo kaConnie, uSam Davis, nophinde abe omunye wophrojusa balo mdlalo.