KUGQABUKA igoda phakathi komphathi wezinhlelo emsakazweni Ukhozi FM, uZandile Tembe nalo msakazo njengoba esekhonjwa enkampanini ekhiqiza iziphuzo ezinikeza umfutho iRed Bull.
Isolezwe ngeSonto lithole ngomthombo walo ukuthi uZandile (39) uzoshiya Ukhozi FM ekuqaleni konyaka ozayo njengoba eseyosebenzela iRed Bull.
“Ngokuthola kwami akaxoshiwe emsakazweni Ukhozi FM, kodwa uthole amadlelo aluhlaza.
“Ukuyosebenzela iRed Bull yinto osekunesikhathi ikhulunyelwa phansi kodwa muva nje sekuyaxoxwa ngakho,” kusho umthombo.
Ethintwa uZandile akafunanga ukuphumela obala.
“Njengoba ngisasebenzela iSABC angivumelekile ukuthi ngikhulume nabezindaba. Ngicela ukhulume noNeo (Neo Momodu) okhulumela iSABC, ngoba uyena ovumeleke ukuphawula ezintweni ezithinta yona,” kusho uZandile.
UNeo ushaye ngamafuphi wathi: “Ayikho incwadi yokwesula etholwe yiSABC eqhamuka kuZandile Tembe.”
Kuvela izindaba zokuhamba kukaZandile nje kusanda kuxoshwa uNgizwe Mchunu kuKhozi FM, esolwa ngokupotshozela abezindaba izimfihlo zenkampani.
Ngo-Ephreli nyakenye kuke kwaputshuka izindaba zokuthi uNgizwe noZandile bayaphenywa kulo msakazo ngokusebenzisana kwabo nenkampani ebinezintandokazi zabaculi kodwa egcine iwile. Ngaphambi kokujoyina Ukhozi FM uZandile ubeyintatheli yephephandaba egxile kwezokungcebeleka.
Ujoyine lo msakazo njengophrojusa wohlelo wakhuphukela esikhundleni sokuphatha izinhlelo.