UMLINGISI omusha weMbewu:The Seed ozoqala ukubonakala kusukela namhlanje kulo mdlalo, uBuhle Samuels, uthe uzofika ashintshe izinto.
UBuhle, ozakhele udumo elingisa indawo kaMatshidiso Mofokeng kwiMuvhango, uzodlala indawo kaZandile.
“Abantu kumele bawubukele umdlalo ngoba kuningi okusha okushintshile kulo nyaka. Izoshintsha Imbewu njengomdlalo futhi kuza izindaba ezintsha ezizojabulisa abantu. Abantu kumele bambheke uZandile ngoba uzoshintsha izinto ezimbalwa ngaphandle kwenkinga kodwa angifuni ukudalula okuningi,” kusho uBuhle.
Lo mlingisi, oveze ukuthi iziqephu zomdlalo uziqophe ngonyaka odlule, uzobe edlala indawo yowesifazane owayethandana noZimele “Ngcolosi” Bhengu odlalwa nguTony Kgoroge.
Izinto ziyihambela kahle Imbewu edlala ku-e.tv ngo-9.30 ebusuku phakathi nesonto njengoba inyukelwa yisibalo sababukeli. Ngonyaka odlule ibisinababukeli abangaphezulu kuka-3.7 million.
Ngaphandle kwalo mdlalo, uBuhle, ubuye waveza ukuthi * -2019 unyaka wokwenza izinto kuye. Ngaphandle kokulingisa uphinde abe ngumculi.
“Ukuqala konyaka kunikeza ithuba lokuzalwa kabusha yingakho sikujabulela ukuqala kwawo. Yithuba lokuqala kabusha izinto futhi ayikho into ongayeka ukuyenza ngoba nakhu uthi sekuhambe isikhathi. Uma into uyithanda futhi uyifuna izokwenzeka. Inkinga wumqondo uyasiphikisa kodwa kumele uzimisele futhi uzitshele ukuthi into izokwenzeka bese uyazethemba,” kusho yena.