UTHEMBISA ukuqhubeka nomgqigqo wokusingatha imcimbi eseqopheleni eliphezulu umrepha osemnkantshubomvu endimeni yomculo kuleli uCassper Nyovest
.
NgoDisemba 1 uNyovest uzobe egxumisa abantu emcimbini wakhe iFill Up Moses Mabhida ozoba kule nkundla yezemidlalo ahlose ukuyigcwalisa phama.
Ekhuluma esithangamini nabezindaba uCassper uthembise into yamehlo ngalo mcimbi njengoba ethe wenze ucwaningo olunzulu ngaphambi kokuthi aze kuleli dolobha abaningi abalibona njengeliphambili kwezokungcebeleka.
“Nizokhumbula ukuthi ngaphambi kokuthi ngimemezele ukuthi ngifisa ukuletha lo mcimbi eThekwini ngaqale ngabuza abalandeli bami ukuthi yiliphi idolobha okumele ngidlulele kulo. Abantu abaningi baphakamisa iTheku kanti vele nami kade ngangifisa ukuba nomcimbi kuleli dolobha,” kuchaza uCassper.
UCassper uphinde wamemezela ukuthi uzokhipha i-albhamu yakhe entsha ngoDisemba 1 kanti wonke umuntu ozohambela lo mcimbi uthe uzoyithola, okuyinto ayenza nakwiFill Up Orlando ekhipha iRefiloe.
Izimpawu zokuthi kukhulu okuza nalo mrepha zicacele wonke umuntu ngemuva kokushaya kwakhe ingoma noShwi Nomtekhala asanda kuyikhipha. Ngaphezu kwalokho kusukela ngenyanga edlule ubematasa ehambela izikhungo zemfundo ephakeme kanye nemisakazo.
Lo mrepha uthe wayenovalo ngesikhathi eqala ukunandisa eThekwini kwazise akasazi kahle isiZulu.
“Ngangisaba ukuthi abantu bazothini ngoba wonke umculo wami awunaso isiZulu. Ngaleso sikhathi ngangisaphelezela uJabba (HHP) uma enandisa ngakho wayevele angibize athi bangene ngomdanso ngoba ngenye yezinto engangikwazi ukuzenza,” kuchaza uNyovest othe uzibize ngoSiphiwe selokhe efudukele kuleli dolobha ngenxa yamalungiselelo omcimbi.
“Ngesikhathi ngibuya sengihamba ngedwa uma ngikhumbula kahle ngangizonandisa kwiGood Sundae, ngaphambi kokuthi ngiqale ngaxolisa ngokuthi angisazi isiZulu kodwa indlela abangithanda ngayo abantu bakuleli dolobha oyedwa wabalandeli weza kimi wangithethisa wathi abanandaba nokuthi ngikhuluma luphi ulimi inqobo nje uma ngishaya umculo omnandi, ngabathanda kusukela lapho abantu baseThekwini.”
View this post on Instagram
A post shared by Refiloe Phoolo 🇿🇦(@casspernyovest) on Nov 9, 2018 at 8:20am PST
Phakathi kwamaciko azobe eboshelwe kwiFill Up kubalwa uD’Banj, uBabes Wodumo, Okmalumkoolkat, Sjava, Shwi Nomtekhala, Nadia Nakai, Shimza, Frank Casino nabanye. UCassper uthe kungenzeka ukuthi kukhona amaciko asawafihlile azowamemezela maduze.
Amathikithi alo mcimbi atholakala eComputicket.