UBENGAZI ukuthi kumnandi ukuba wumzali umlingisi ophinde abe ngumculi nemotheluli wezinhlelo zethelevishini, oxoxe ngendlela okumshintshe ngayo ukuba nengane.
UThembi Seete owaduma eqenjini lomculo iBoom Shaka nasohlelweni lomdanso iJika Majika, uhleka yedwa uma exoxa ngendodana yakhe enezinyanga ezingu-15. Lo saziwayo oneminyaka engaphezu kuka-40, uyaqala ukuba nengane okuyingakho ekujabulele kangaka.
“Bengingazi ukuthi kumnandi kanje ukuba umama. Kumnandi ngisho ukuyikhuza iganga. Ngizizwa ngihlukile kakhulu,” emamatheka.
Uveze izithombe nama-video endodana yakhe athe isiyahamba futhi iyakhuluma. Yize isencane, uthe uyabona ukuthi izoba yingane ehlukile ngendlela enomfutho ngayo. Uthe ubekhathazekile ngokuthi ngeke abuyele emzimbeni wakhe emuva kokubeletha kodwa usizwe wukuzivocavoca nokudansa.
UThembi oyinxusa lePond’s, ubesengqungqutheleni yezinsuku ezintathu iCare For Beauty, ehlelwe abakwa-Unilever eMhlanga, eThekwini. Bekufudundiswa ngokunakelela isikhumba, umzimba nezinwele. Izolo kuqalwe ngokuzivocavoca njengoba kukhuthazwa ukuthi abesifazane bazinake.
Lo mculi naye onelebula yakhe yezimonyo, uthe usazobuyela maduze kwithelevishini.
“Kukhona engimatasa ngakho kwithelevishini nasekudidiyeleni. Ngizobonakala emdlaweni iFamily Secrets futhi ngizophinde ngengamele umkhakha weMake Up kulo mdlalo. Ngijabule kakhulu ngaleli thuba lokwenza okwehlukile emdlalweni wethelevishini. Ukusebenza isikhathi eside emkhakheni wokungcebeleka kudinga ubuye ufune nezinye izinto ezizokufaka ebhizinisini,” kusho yena.
ABALINGISI abebeyingxenye yengqungquthela yokunakekelwa kwesikhumba iCare for Beauty okunguSthandiwe Kgoroge, uThembi Seete noHulisani Ravele Isithombe:ZANELE ZULU/ANA
Mayelana nalolu hlelo athe ngeke ageqe amagula ngalo, uthe luzokwethulwa ngoSepthemba bese lubonakala kwithelevishini ekuqaleni kukaNovemba.
Okhulumela abakwa-Unilever uMnuz Tony Mun-Gavin, uthe bahlanganise abesifazane abangu-100 abagqamile emikhakheni ehlukene abakuyo.
Abanye osaziwayo abebekhona kubalwa uSthandiwe Kgoroge ongumlingisi noHulisani Ravele owaduma ngoCece esakaza uhlelo lwezingane iYo! TV.