KUVELE ukuthi akaneme ngokushiya umbhobho umfundi wezindaba kuKhozi FM, uThemba Khumalo, osekufike iminyaka yokuthi ashenxe kulesi sikhundla.
Isolezwe lithole ukuthi uThemba akafuni kwaziwe ukuthi useshiyile ekubeni umfundi wezindaba yize iminyaka yakhe ibingasavumi.
Lo mfundi wezindaba kuthiwa ugcine ngoMashi 30 kulo msakazo.
Umthombo uveze ukuthi uThemba akajabule neze njengoba ngosuku agcina ngalo engavalelisanga ngisho kubalaleli balo msakazo akade sebemazi iminyaka.
“Akafuni kwaziwe ukuthi uyekile manje ekufundeni izindaba njengoba engaxoshiwe kodwa iminyaka yakhe iyona engasavumi ukuthi abe semsakazweni. Uzokhumbula ukuthi uJabulani “Mjey” Sibisi wavalelisa kahle ngesikhathi sekufike isikhathi kodwa bakithi uThemba hhayi akakwemukelanga, naye uyasho ukuthi ubengakathandi ukuhamba futhi ubecabanga ukuthi udaba lwakhe ngeke luze lunakwe,” kusho umthombo.
Omunye umthombo uveze ukuthi uzovaleliswa maduzane ngomcimbi omkhulu ozoba soLundi, nokulindeleke ukuthi kufike ozakwabo kuphela kuwona.
Omunye umthombo uveze ukuthi uThemba udinwe uyaveva ngemuva kokuthi ebe nethemba lokuthi uzonikwa inkontileka kodwa konke lokho kwangenzeka.
“Ubenethemba lokuthi uzonikwa inkontileka ezofunda izindaba njengoba kade kuyisikhathi sokhetho kodwa lokho kwangenzeka. Iminyaka yakhe nje iyona emshayile akukho phutha lamuntu kodwa yena kukhona abakhomba ngeminwe ngalolu daba,” kusho umthombo.
Kulo msakazo emkhakheni wezindaba kunabafundi abasha okukhona kubo uMbongeni Somnyama Khumalo noSnethemba Hlophe.
Ethintwa uThemba uthe usemhlanganweni.