ABANTU abaningi uma ubabuza ngezindawo abafuna ukuzivakashela basho ezikhangaphandle kwemingcele yaseNingizimu Afrika.
Umsakazi weGagasi FM, uCollen Zondo, yena uthe uthanda ukuziguduzela esifundazweni iKwaZulu-Natal, yize ewumsinsi wokuzimilela khona.
“Ngiyathanda ukuthi ngihambele izindawo ezehlukene engingakaze ngiye kuzo. Kade ngisePort Shepstone nje ngiyobuka indawo nabantu abahlukene. IKwaZulu-Natal inothe kakhulu kodwa asikuboni lokho sifuna ukuya koGoli naseKapa.”
Uzalwa eLenge, eMsinga.
“Ngazalwa wumama owayesemncane efunda isikole, ngiyingane yokuqala. Ngakhuliswa wugogo ngifunda eLewis Primary ngabe sengidlulela eMaweni High ngaqeda ngo-1994.”
Unina wafudukela eGoli lapho ayesebenza khona njengephoyisa naye wase emlandela.
“Ngesikhathi sikhula wawuthi uma uqede * -matric bese kumele uyofuna umsebenzi efemini kodwa mina ngathi ngiyofunda. Ngafunda enyuvesi yaseVaal. Ngangenza izifundo zeHuman Resources Management kodwa angiqedanga ngenxa yothando lokusakaza. Esikoleni yilapho engahlangana khona nabantu abanjengoK.O, Ntukza noMa-E beTeargas. Ngangithanda umsakazo ngasebenza esiteshini sasesikoleni nakwiCommuter FM esisakazela abagibela izitimela. Ngangisebenza noKing Sfiso, Chilli M no-Amon Mokoena.”
Uthe wabe eseya eMpumalanga lapho asebenza khona esiteshini iMpower FM esiyaziwa ngeRise FM. Wasebenza iminyaka emine ngapahambi kokubuya kulesi sifundazwe ngo-2009 esiyosebenzela iGagasi FM.
KwiGagasi wethula izinhlelo iMusic Sessions: Afro Pop ngoMsombuluko ebusuku, Music Sessions: R&B ngoLwesithathu ebusuku, iSaturday Breakfast Club ngo-7 kuya ku-10 ngoMgqibelo ekuseni ne-Urban Soul Radio ngo-10 kuya ku-2 emini ngeSonto.
Uthe uma engasebenzi ukhonze ukuzihlalela endlini afunde izincwadi namaphephandaba.
“Ngithanda futhi ukuchitha isikhathi nezingane zami. Nginamantombazane amabili nomfana oyedwa. Bahlala eGoli ngakho ngijwayele ukuya khona. Ngikhonze nokuzibukela izinhlelo zomculo kuthelevishini noma ngibuke ezezilwane zasendle. Ngiyathanda ukubona ukuthi ziphila kanjani. Ngisanda kuya eHluhluwe ngiyobona ukuthi le nto evela kuthelevishini iyiyo ngempela yini.”
UCollen, othanda ukudla inyama yenkukhu, ufisa ukuba nomsakazo othi yena ngomuso.
“Ngaphandle nje kokuba nomsakazo wami kodwa ngifuna ukuba yingwazi kwezokusakaza kugcine sekunesikole ngasekhaya esiqanjwe ngami ukuze abantu bangikhumbule ngento ethize. Kulo nyaka ngifuna ukugxila ngasekhaya ngithuthukise umphakathi.”