UKHUNJULWE ngedili lomculo yizinsizwa nezintokazi ezaziyingxenye yohlelo ama-Idols SA izolo, owaduma kulolu hlelo uThami Shobede enkonzweni yesikhumbuzo ebise-AOG Assemblies of God, eSandton, eGoli.
Kule nkonzo osaziwayo bakuleli endimeni yomculo bebephume ngobuningi ukuzovalelisa kule nsizwa ebisakhula endimeni yomculo. Kozakwabo ayenabo kusizini 12 yama-Idols SA, kucule uLucia nabanye.
Umngani kaThami, uBlessing Cele, unxuse akade bethamele le nkonzo ukuthi bangayeki ukushayela izihlobo zabo noma abangani babo ucingo bababheke ukuthi banjani empilweni.
“UThami ubehlala ekhala ngokuthi endimeni yomculo akanakiwe. Ilelo nje abekhala ngalo. Ngakho ngiyanxusa ukuthi sibhekane ukuthi sinjani empilweni futhi kuhamba kanjani emisebenzini yethu. Uyazi emakhaya thina sakhula sinanelana impuphu nomakhelwane okuyinto eyayikhombisa ukuthi omunye kukhona la ashoda khona bese uyamnika lokho akudingayo. La eGoli ngiyazi kuyaphithizela, kodwa ake sizame ukwenza ngendlela emakhaya okwenziwa ngayo,” kuchaza uBlessing.
UThami uzongcwatshwa ngoMgqibelo eMtubatuba lapho azalelwa khona.
Inkonzo yakhe yesikhumbuzo izoba sehholo eliselokishini laKwaMsane khona eMtubatuba.
UVusi Nova, Brenda Mntambo noKholeka ngabanye babaculi abaduduze izihlwele ngomculo kule nkonzo.