UMCULI wegqom’ waseThekwini, uTDK Macassette, ukhala ngokungadlalwa komculo wakhe emsakazweni, athe ngeke kumqede amandla.
UThandeka “TDK Macassette” Mkhwanazi usanda kukhipha ingoma yakhe entsha ethi Zama apike kuyo u-Okmalumkoolkat.
Lena yingoma yakhe yesibili kusukela esayine inkontileka yokuqopha, e-Universal Music njengoba phambilini ubephusha ethi Domoroza apike kuyo uMnqobi Yaso.
“Emsakazweni umculo wami awudlali. Sesizame sazama lutho. IDomoroza angikaze ngiyizwe, angazi yini inkinga, ngiyafisa ukwazi. Ngiyamenywa emsakazweni idlalwe uma ngikhona bengibhuqa,” kusho uTDK.
Uthe usebonga ukwesekwa ngabantu abawuthengayo umculo wabo bawudlale.
“Imisakazo yiyo okumele idlale umculo wethu kodwa abaphathi bavele benze sengathi ngeyabo bangasidlali,” kuqhuba yena.
Uthe naphezu kwalokhu usazoqhubeka nokukhipha umculo omusha.
Uveze ukuthi umatasa upheka i-albhamu yakhe yokuqala.
Uthe usebenza nabantu abahlukene okubalwa kubo iRudeboyz, Okmalumkoolkat futhi kukhona nabanye asaxoxa nabo.
“Ngiyasebenza angimile. Ngilokhu ngihlohlile nje, anginaso isiqiniseko sokuthi ngizoyikhipha nini i-albhamu. Vese uma uhlohla awusho ukuthi uzodubula nini, abantu ababeke amehlo ezinkundleni zami zokuxhumana.”
Uthe ingoma yakhe iZama ikhuluma ngomngani othandwa ngabantu kodwa inkinga ukuthi usethathiwe.
Uthe yena akafani noZama ngoba akakathathwa ngoba akanaso isikhathi sokuthathwa usagxile emculweni.
Ingoma kaTDK itholakala ezitolo zomculo ze-internet.