UMSAKAZI woKhozi FM, uSthandwa Nzuza-Gama ulindele ingane yakhe yokuqala yasemshadweni nomyeni wakhe uPhilani Gama, weGama Classic Funerals, ababophe elikasofasilahlane naye ngoJuni nyakenye.
USthandwa akasakwazi nokusifihla isisu njengoba nasemcimbini wokwethulwa kwezinhlelo zakwaSABC1, obungoLwesithathu eFourways, eGoli besibonakala.
Kuzobe kuyingane yesibili kuSthandwa njengoba kukhona ayithole ngaphambi komshado.
Ngisho ezama ukugqoka izingubo ezinkulu useyahluleka ukufihla isisu ngoba sesisikhulu.
Ethintwa ngalezi zindaba ubuze ukuthi zithathwephi izindaba zokuthi ukhulelwe.
“Umuntu ngeke esakhuluphala nje, okuyinto ekhombisa ukuthi uhleli kahle nasemzini wakhe? Noma ngabe kukhona umntwana engimlindele noma akekho, kubaluleke ngani lokho? Akubhalwa ngani nangabanye abantu abakhulelwe njengoba bebaningi kangaka?” kubuza uSthandwa.
Uthe ngisho ebandleni lakhe bazothuka nje uma bezwa lezi zindaba ngoba akekho owazi lokho.
“Noma ngabe kunjalo angiboni ukuthi kubalulekile. Nomndeni wami bengingakaxoxi nawo ngalokho. Uyazi njengoba ungifonela ngiphume ngigijima endlini ngoba ngizitshela ukuthi kunomuntu ofuna ukungifisela usuku lokuzalwa oluhle njengoba ngizalwa namhlanje (ngoLwesihlanu),” kuqhuba uSthandwa ehleka.
Ukuchithile ukuthi ukhulelwe, wathi kungenzeka obesho njalo uyamfisela. Uthe kungenzeka ukuthi yima esazokhulelwa.
Yize ebekuphika lokhu uSthandwa kodwa akuzwakalanga kuyizindaba ezimthusayo futhi ubezwakala ejabule.