AKAKWAZI nokuchaza ngendlela ajabule ngayo umculi kamaskandi osezakhazele udumo ezinkundleni zokuxhumana ngama-video, othenjiswe ukwakhelwa umuzi.
UGawulezakhe Mbili (55), odume ngelikaSphuzo, ohlala emjondolo kathayela KwaDweshula, ePort Shepstone, udaba lwakhe oluthinte abaningi bakhuthuza amaphakethe.
Emuva kokuba Isolezwe lishicilele udaba lwakhe ngokuqopha izingoma, lubuye lwavela nasezindabeni zeSABC kwabikwa nokuthi uhlala emjondolo.
UMnuz Jomo Sibiya oyilungu le-ANC esiShayamthetho saKwaZulu-Natal, uthe nguyena oxhumane noSomlomo uNksz Nontembeko Boyce, bahlanganisa isu lokwakhela uSphuzo.
Uthe naye ubemlandela iminyaka eminingi ngoba ebona ithalente kodwa engazi ukuthi akanawo umuzi.
“Kwesinye isikhathi akumele silinde uhulumeni kodwa kumele sizame ukushintsha izimpilo zabantu. Usomlomo ulusukumele lolu daba, waya nethimba lakhe ukuyobonana nomndeni kaSphuzo. Sesithole nabanye abantu abaningi abazibophezele ukufaka imali ngoba sifuna umuzi ubiyelwe kahle, kufakwe nefenisha ukuze abuyelwe yisithunzi,” kusho uSibiya.
UMnuz Sakhile Cele oyimenenja kaSphuzo, uthe ubeqala ukumbona ejabula aze akhale. Uthe ngesikhathi bemtshela okokuqala ukuthi uzokwakhelwa umuzi, akakholwanga.
UCele uthe bayaxhumana usuku nosuku nehhovisi likasomlomo ngezinhlelo zomuzi.
“Ubengazi ukuthi kungaba yiqiniso ngempela kodwa useyakholwa. Kumanje silinde ugandaganda ozovula isiza nomgwaqo oya kwakhe ukuze kubekwe impahla yokwakha. Sibonga abezindaba ngokusilekelela ekuvezeni isimo sakhe ukuze kuthinteke nabantu.”
Uthe sebeqophe izingoma ezine, abalinde ukuthi zibhaliswe ngokusemthethweni. USphuzo kuthiwa uhlala yedwa abuye ahlale nesinqandamathe sakhe kulo mjondolo. Amadodana akhe amabili awahlali naye.
UCele uthe uyathemba ukuthi usezobuyelwa yisithunzi ngoba baningi abebemthatha njengohlanya kanti unethalente elingajwayelekile. USphuzo waqala ukuzakhela udumo ngengoma ethi Guava Juice kanti ubuye ashintshe neziningi zokholo azinonge ngamahlaya.