INGWAZI kamaskandi, uThokozani “Somnandi” Langa, ithi ukuba nesitayela esehlukile yikho okuyenza iqokwe kumaSouth African Music Awards (Sama) iminyaka ilandelana.
UThokozani uqokwe emunxeni weBest Maskandi nge-albhamu yakhe ethi Idayimane. Uqhathwe noShwi noMtekhala, Udumakahle, Mzukulu noMakhamnandi.
Usephuthwe kabili ukuqokwa kusuka ngo2009.“Bayacula abafowethu abasha futhi banamaphimbo amnandi kodwa isitayela sisondelene kakhulu. Mina ngicula into ehlukile engafani nezinto ezikhona. Ngifisa ukufundisa ngomculo ukuthi umuntu ofikayo abe nento entsha.
“Ungabambi ulayini emuva uze nento evele ikhona. Mina nje ngafika nokugiya esiteji. Umuntu wayebonga emile kodwa mina ngobaangisidlali isigingci, ngase ngizibonga ngigida,”kusho uSomnandi.
Uqhube wathi yize engafisa ukwandisa umgodla wakhe wezindondo zamaSama kweziyisikhombisa anazo, kodwa ngeke aphatheke kabi uma kunqoba omunye kwaqhathwe nabo.
“Kuwukuqopheka komlando ongajwayele ukuthi kuqokwe abaculi abathathu baseZululand kanye kanye. Yimina, uMzukulu noDumakahle.
Ngicela abaholi bethu bayibuke le nto. Ukube kuya ngami bengingafisa itholwe womunye wethu, siyosukuma sonke siyoyilanda,” kusho uSomnandi.
USomnandi uqhube wathi kumphatha kabiukubona beqokwa kodwa umculo ungasathengwa njengakuqala. Uthe uneDVD ayiqophile ehlanganisa ama-albhamu akhe amadala kodwa avilaphayo ukuyikhipha.
“Ngiyagqoza ukukhipha ngoba umkokotelo ungiqeda amandla. Ngizoyikhipha kulo nyaka. Ngiyakhala kodwa ngabantu bakithi emculweni wesintu. Angisezwa kuthiwa kukhona odayise igolide ne-platinum. Ngiyacela ukuthi umculo siwuthande ngeqiniso.
“Uyathandwa kodwa awudayisi. Ukudayisa komculo kwenza sizuze sonke njengomaskanda futhi okulimaza umaskandi kusilimaza sonke. Ezinye izinhlobo ziyadayisa, abaculi bakhona bahlale bethola amagolide kodwa thina lutho. Sasiwashaya kudala sinoKhansela noBhekumuzi, angikhulumi inganekwane,” kusho uSomnandi.