Ezokungcebeleka

USomnandi ugxeke abathi abaculi abadala abashiye emculweni

Charles Khuzwayo|Published

UMNUZ Jomo Sibiya, uDkt Zwelini Mkhize noMnuz Jacob Zuma behambele inkonzo kaNtshebe Khuzwayo esigodini saKwaNgqulu, eQhudeni, eNquthu ngoMgqibelo

Image: FACEBOOK

ISIHLABANI somculo kamaskandi, uThokozani "Somnandi" Langa, ukhale ngokungaqashwa emicimbini kwezingwazi zikamaskandi ngoba kuthiwa sesiphelelwe ngushatini.

Lo makadebona ukhulume kanje ngesikhathi ekhulumela omaskandi enkonzweni yomngcwabo kazakwabo uBusani "Ntshebe" Khuzwayo weZingane Zoma ebisesigodini saKwaNgqulu, eQhudeni eNquthu ngoMgqibelo.

USomnandi, owake wasebenza kwiZingane Zoma Music Production, unxuse abahleli bemicimbi ukuba baqashe Izingane Zoma,Imithente, Ihhashi Elimhlophe, Phuzekhemisi nabanye asemnkantshubomvu.

 Uthe laba abalokhu bethi abayeke umculo abaculi asebekhulile, abahambe bayotshela oyise lokho, bayeke onina. Umengameli wamabhinca, uNgizwe Mchunu, ngomunye wabahlale bethi uSomnandi akayeke ukuqopha umculo omusha kodwa agxile ekucijeni abaculi abasafika kule ndima.

ObenguNgqongqoshe wezeMpilo kuleli, uDkt Zwelini Mkhize, uphakamise ukuba omaskanda bahlangane ukuze baqhamuke nendlela ezokwenza bakwazi ukungcwabeka futhi nemindeni yabo ingabhuqwabhuqwa yindlala uma kwenzeka bedlula emhlabeni. 

OwayenguMengameli wezwe futhi esondelene naleli qembu, uMnuz Jacob Zuma, uthe kubazumile ukushona kukaNtshebe ngoba ubesazimisele ngokumbona egiya kweminye yemibhiyozo uma lelizwe selikhululeke ngokuphelele.

Uhlelo lwale nkonzo beluphethwe ngowayeyisilomo soKhozi FM, uLinda Sibiya kanti izithameli ziduduzwe ngabaculi abanjengeZingane Zoma neMithente. Abanye ebebehambele lomngcwabo nguNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnuz Senzo Mchunu, uNgqongqoshe wabaSebenzi nezemiSebenzi uMnuz Jomo Sibiya, uXolani Mcineka weMpucuzeko, uMnuz Mjaphani Mkhize, uKhuzani, Mthandeni, Mbuzeni, Jaiva Zimnike, Izintombi ZikaMjaphani, Yekethisa nabanye. UNtshebe ushonele esibhedlela saseDundee ngoLwesihlanu olwedlule emuva kokungeniswa khona exinwe yisifo sikashukela. Ufihlwe emathuneni amaqhawe aseQhudeni, eNquthu.

Ubeganwe amakhosikazi amabili futhi ebusiswe ngezingane ezingu-18. Ngomculo uwuzungezile umhlaba kangangoba wake washiya amaJaphani esahalela impinda ngenxa yemigilingwane ayeyigila esteji.