Farieda Metsileng
Image: SIGCINIWE
USOMAHLAYA ongumlingisi wemidlalo yethelevishini kuleli, uFarieda Metsileng, uzithintele iziqandu ebantwini abaphila nokungezwa ngokwenza ihlaya ngolimi lwabo lokukhuluma ngezandla (sign language). UFarieda ubonakale ohlelweni lwamahlaya olusakazwa kwiYouTube Channel kaMacG, iPNC, etolika ngendlela okungesiyo enye inkulumo ngolimi lwabangezwa.
Usaziwayo wethelevishini, u-Uyanda Sibiya, ucasuke kwangathi uthelwe ngezibonkolo maqede wakhwela wadilika futhi washiya angalazi kuFarieda obengumlingisi oqavile emdlalweni othi UBhethina Wethu. U-Uyanda uthe zikhona zonke izinto zokuncokola kodwa hhayi ulimi lwezithulu. Uthe abakwazi ukuhlala phansi basonge izandla ekubeni bebona kuhlanjalazwa abantu abangezwa ngokuthi kuhlekiswe ngendlela abakhuluma ngayo.
YANDA SIBIYA
Image: SIGCINIWE
"Sekwanele. Asikwazi ukuvumela abantu ebebecindezelwe eminyakeni eyedlule ukuba baphendulwe inhlekisa. Asikucacise lokhu weFarieda, umphakathi wabantu abangezwa awusiye umasigcozi wakho. Asizile ukuzochumisa umsebenzi wakho wokuhlekisa. Asisona isidlalo sakho. Asilona neze ihlaya. Ulimi lwabangezwa lusemthethweni futhi lunomlando nesithunzi," kubhoka ngolaka kwi-Instagram u-Uyanda oyinxusa lwenhlangano yabangezwa iSouth African National Deaf Association.
"Awukwazi ukuhlekisa ngolimi lwethu bese ulindela ukuthi siwuhlabe inhlali. Kuyaphela nya lokho manje. Sisebenza kanzima ukwakha kabusha umphakathi obubandlululwa kudala emuva kuka-1994." Uthe abahlekayo nabagqugquzela uFarieda kufanele babe namahloni."
Imizamo yokuthola ukuphawula kukaFarieda kuze kwashaya isikhathi sokushicilela kungakatholakali. U-Uyanda wazakhela udumo ngokudla umhlanganiso kuMiss Mpumalanga ngo-1997 ngaphambi kokulingisa indawo kaNomonde kuTshisa.