USOMAHLAYA wakuleli osezakhele igama ngokulingisa nokwethula izinhlelo, uTrevor Gumbi, uvume phambi kwabalandeli bakhe ukuthi wake wazisebenzisa izidakamizwa.
UTrevor ubenohambo lwezinsuku ezimbili ngempelasonto eThekwini, ehhotela iGarden Court.
Izinhlanga ezahlukene ezihlala kuleli dolobha bezitheleke ngobungi zizozizwela ezinye zezinto ezaholela ekutheni afake isehlukaniso nenkosikazi yakhe.
Abalandeli bakhe ubungababuzi ukuthi bajabulile ngamahlaya ale nsizwa ngaphansi kwesihloko esithi, Trevor Gumbi: The Divorce Tour.
Le nsizwa esanda kuhlukanisa nenkosikazi uLucille, ishiye abebesemcimbini bephethwe yizisu njengoba ibihlekisa ngomshado wayo nenkosikazi eyakhombisa ukuyixhasa ngesikhathi iveza ukuthi izoba nalolu hambo oluthinta impilo yabo bobabili.
“Noma ngingeke ngigxile ekutheni yini eyenza sihlukane nomama wezingane zami kodwa zona ziningi izizathu, sobabili sijabule futhi ngeke siphinde silungise lutho okuthinta umshado wethu,” kuchaza uTrevor.
Uthe empilweni yakhe ziningi izinto azenzile ezibe nomthelela ekwehlukaniseni nomkakhe.
“Izidakamizwa ngazisebenzisa kakhulu empilweni yami. Ngangisebenzisa iCocaine kuphela ezinye angikaze ngizithinte. Kodwa iyodwa into engiyithandayo wukuthi azikaze zingiphendule isibotho,” kuchaza yena.
Kulo mcimbi uTrevor uvulelwe uMfundo, waseGlenwood, naye oshaye into ecokeme.