UDUMO aluthole ezinkundleni zokuxhumana selimvulele amathuba nasemculweni owesifazane waseThekwini.
UPhumzile “Sister P” Ngema, ongusomahlaya ongaconsi phansi kubantu ezinkundleni zokuxhumana wethule ingoma yegqom' ethi Loveology, ezinsukwini ezimbalwa ezedlule kanti isithathe abaningi.
Ngokusho kwakhe, lokhu kusengamazwibela futhi iseza ingoma ephelele ehambisana nevideo ezoqoshwa ibe sezingeni eliphezulu.
USister P uthe ukhethe ukuyiqamba ngeLoveology ngoba udume ngakho ezinkundleni zokuxhumana.
“Ngibonga uthando kuphela kubantu, ngithi konke kuhle kuyiLoveology abangaziyo bayazi ngikhuluma ngani uma ngisho kanje.
“Ngingene emculweni ngingakuhlelile kodwa ngithe uma ngihlangana noFaca Khulu, Qili Nkosi noMr Chaklas kwavele kwahlangana konke, kwaphuma ingoma.
“Into engenza ngiyiqambe ngothando yingoba ngibona indlela abantu abangiphakamise ngayo bengangazi ezinkundleni zokuxhumana,” kusho uSister P.
Eqhuba uthe maduze uzoshutha ivideo bese eqhubeka nokulungiselela amahlaya awaqopha nomunye uzakwabo naye odume ezinkundleni zokuxhumana uBobo.
Ngokwezinhlelo zabo, bafisa ukukhipha iDVD yamahlaya maduze kodwa akakabi nesiqiniseko sokuthi ingase ihlangane nini ngoba besayiqopha.
USister P uke waba sematheni nangesikhathi uhulumeni evala ukudayiswa kotshwala esigabeni sesithathu, ngemva kokuba kuvele ivideo ayedansa kuyo aze akhase phansi.
Lokhu kwenzeka ngesikhathi kungcwatshwa elinye lamaciko uBiggie kwabonakala nenqwaba yosaziwayo nabaculi behlangene, bedansa bephethe neziphuzo.
Ngenxa yokuba yisilomo kwale ntokazi abantu baphuma naye ezinkundleni zokuxhumana beyisola ngokuthi yiyona eholele ekutheni kuvalwe utshwala.
Ebuzwa ngalokhu uvele waphela insini uSister P, wathi abantu kufanele ngabe bayambonga ngoba bathola ikhefu otshwaleni.
“Anginivalelanga utshwala engangikwenza ngangifuna sike sibe bahle kuphele nephuza face. Mhlawumbe sizoke sithole nomendo. Ngicela njengoba sebuvuliwe utshwala sihloniphe, sifake izifonyo ukuze izwe libuyele kwelijwayelekile,” kusho uSister P.
Ephetha uthe ufisa izinto zibuyele esimweni esijwayelekile ukuze aqale afese athole nomsebenzi.
Uveze ukuthi usenesikhathi eside ebhuquza ekhaya, nokwamenza wafundela ukuba wunogada ngethemba lokuthi uzowuthola maduze umsebenzi.