KUKHALWA ngomsakazi woKhozi FM, uSbu Buthelezi, okuthiwa akabahloniphi abalaleli uma beshaya ucingo ohlelweni alushayelayo, akabaniki nethuba lokuphendula, kuvela ukuthi uvele abanqamule emoyeni bengakaphenduli.
USbu ushayela iNdizanathi Midday Show ngokubambisana noMroza Buthelezi kusuka ngo-12 kuya ku-3 ntambama phakathi nezinsuku.
Kuleli sonto abesifazane abaveze ukuthi bangamalungu ekhasi likaFacebook, iLadies House, bakhwele badilika kuSbu bekhala ngokuthi akahloniphi. Bebebhala ekhasini lalo msakazi likaFacebook, elithi-I Am Sbu Buthelezi. Bebekhala ngokuthi uSbu akabahloniphi abantu emoyeni ubaphendula ngendlela ethandwa uyena futhi abanqamule besakhuluma uma bethi bazama ukuchaza.
Omunye wabesifazane obebhale ekhasini likaSbu, uYenzywe Ndawonde, uthe: “Angazi ukuth yini ethe angivule Ukhozi FM ngoba ngijwayele ukuzilalelela iMetro FM. Ayibo nkosi yami, kunobhuti oshaye ucingo othe unguMokeona isibongo. Bebekhuluma ngezamabhizinisi ohlelweni. Uthe eqeda nje ukubingelela ubhuti wabantu, wathi uSbu “Zithini izithakazelo zakini” wathi lo bhuti esathi uyachaza ukuthi singabantu sihlukene, mina ngiqhamuka e.....”. Engakasho, uSbu wathi “Eyi wena anginandaba nokuthi uvela kuphi noma uqhamuka kuphi, mina ngibuza izithakazelo nje kuphela, okunye anginandaba nakho.” Abe esathe uyachaza ubhuti, uSbu wangamnika thuba. “Ngivele ngaphuka umoya ngoba ngikholwa ukuthi ubaba womuzi lo abekhuluma naye kanje uSbu,” kubhale uYenzywe.
Abanye bathe kudala ayiqala le nto uSbu, ngisho esesohlelweni Indumiso wayengabahloniphi abantu futhi ubewakhetha namabandla akhuluma nawo emoyeni.
Ngesikhathi laba besifazane bemchapha ngenhlamba uSbu emakhasini akhe, uke wasabisa ngokuthi uzobathathela izinyathelo zomthetho, nabangakunakanga lokho, kodwa baqhubeka bambiza ngamagama alumelayo.
Ethintwa uSbu ngalezi zinsolo ucingo lwakhe belungangeni.
Uphrojusa weNdizanathi Midday Show, uThembeka Zondo uthe, akanalwazi lokuthi kukhona abagxeka uSbu. “Kuleli sonto ngisebenzela eGoli futhi angikuqaphelanga ukuthi kunezikhalo ezinjalo. Ngicela uthinte abaphathi boKhozi yibona abangaphawula.”
UThembeka ukhuluma kanjena nje, uSbu waphawula ngezinkulumo ezikhulunywa ilaba besifazane emsakazweni, wathi akanandaba nazo.
Okhulumela iSABC, uNeo Momodu, uthe abaAbalaleli phathi boKhozi FM abazibukeli phansi izikhalo zabalaleli bomsakazo. “Uma kunesikhalo esinjalo, kunendlela esifakwa ngayo kubaphathi bomsakazo. banelungelo lokufaka lesi sikhalo kubaphathi bomsakazo. Uma sebesifaka kuzomele basho isikhathi nosuku okwenzeke ngalo isigameko sokungaphathwa kahle komlaleli ukuze kulalelwe leyo ngxenye yohlelo ngaphambi kokuba kuthathwe izinyathelo.”