Ezokungcebeleka

Usola abagxambukela ebudlelwaneni bakhe uLaChonco

Nokubongwa Phenyane|Published

UKHALE mi izinyembezi uNonkanyiso Chonco odume ngelikaLaChonco ngesikhathi echaza ngokwaholela ekutheni kuphele ngobudlelwano bezothando nowayengumengameli wakuleli, uMnuz Jacob Zuma ISITHOMBE: SIBONELO NGCOBO

INTOKAZI esizakhele igama kuli emkhakheni wezokungcebeleka uNonkanyiso Chonco, edume ngelikaLaChonco, ikhale mi izinyembezi ichaza ngokuphela kobudlelwano bezothando nowayengumengameli wakuleli, uMnuz Jacob Zuma.

UKHALE mi izinyembezi uNonkanyiso Chonco odume ngelikaLaChonco ngesikhathi echaza ngokwaholela ekutheni kuphele ngobudlelwano bezothando nowayengumengameli wakuleli, uMnuz Jacob Zuma ISITHOMBE: SIBONELO NGCOBO

ULaChonco onendodana noMnuz Zuma, ungomunye wamakhosikazi azoqhubeka nokukhombisa impilo yawo ohlelweni i-The Real Housewives of Durban isizini yesibili eqale ngoLwesihlanu kwiShowmax.

Emcimbini wokwethula lolu hlelo nobusehhotela i-Oyster Box, eMhlanga, ngoLwesihlanu, uLaChonco uthe kube buhlungu kukhulunywa izinto ezihlukene ngegama lakhe ezinkundleni zokuxhumana ngemuva kokuvela kobudlelwano bakhe.

“Ngangingazimisele ukuthi abantu bazi ngobudlelwano bami bezithando nokuthi nginobani. Kodwa kukhona abantu abagxambukela base bebunekela izwe. Lokhu kwangizwisa ubuhlungu obukhulu njengoba izinto zaqala zangahamba kahle. Ubuhlungu engibuzwile kuphela loba budlelwano angazi noma buyophela yini enhliziyweni yami, buyisilonda esingeke size siphole kalula,” kusho uLaChonco.

Uveze ukuthi sekwenzeke konke, wakhetha ukwamukela waqhubeka nempilo yami.

“Kungakho kusizini yokuqala ngingafunanga ukukhuluma ngalutho ngoba ngangazi ukuthi kwenzakalani. Kodwa abantu abafana no-Annie ababelokhu bebuza ngobudlelwano bami bezothando futhi beqhubeka behlekisa ngami kungakho ngikhethe ukuthi ngiveze ukuthi ngimi kuphi,” kusho yena.

Kulo mcimbi bonke abesifazane baveze okuzogqama ngempilo yabo, futhi bathembisa abantu bakuleli ubumnandi bodwa.