Isithombe esifakwe uSkolopad ezinkundleni zokuxhumana. Isithombe: Instagram
UNONTANDAKUBUKWA ozakhele udumo ngokuhambela imicimbi yomculo kuleli, uSkolopad, usephinde wakususa lokho efaka izithombe zakhe eshaya ngesudi yesele ezinkundleni zokuxhumana. 

Kamuva nje uSkolopad, obuye akhiqize umculo awubiza nge-Afro House, umangaze abaningi efika emcimbini wezindondo egqoke ivosi ephethe isaka lamalahle njengesikhwama sakhe. 

Nonyaka wenze isithembiso sokuthi uzoyeka ukufaka izithombe zakhe enqunu uma engase athole ama-retweets angu 50 000 esithombe sakhe asifake enkundleni yokuxhumana utwitter ngoLwesibili. 


Lo mbhalo uthuse abaningi njengoba abanye bebezibuza ukuthi kungani efuna amaretweets ngesinqumo okumele ngabe uzithathela yena. Abanye basichithile isicelo sakhe bathi bayazithanda lezi zithombe akaqhubeke azifake.