UMCULI wakuleli osanda kuhlabana ngendondo yeBET, uSjava, uveze ukuthi uzokwenza umcimbi kubo abonge abadala ngokuhlabana kwakhe emcimbini obuse-USA muva nje.
Ekhuluma neSolezwe emcimbini abehlonishwa kuwo uMasipala weTheku, ngaphansi kophiko lwamaPaki nezokuNgcebeleka, oluholwa uMnuz Thembinkosi Ngcobo, uSjava uthe kumele abonge ngale ndondo.
“Ngizowenza noma kanjani umcimbi, akubuzwa lokho. Kodwa ngaphambi kwalokho ngizoqala ngowokuvula umuzi omusha engiwakhile ekhaya.
Uma kufika indondo njengoba besazoyithumela, yilapho-ke ngiyokwenza khona umcimbi wokuyibonga kwabakithi,” kusho uSjava.
Uthe ngesikhathi eya emcimbini phesheya kwaba ngenxa yokuthi wayemenyiwe futhi eqokiwe kodwa engenalo ithemba lokuthi uzowina.
“Ngenxa yokuthi ama-data ayabiza futhi ngangiqokwe nabantu bakwamanye amazwe lapho intengo yama-data ingcono kakhulu, ngangingenalo ithemba lokuthi abalandeli bami bazongivotela kodwa bangikhombisa uthando abanalo ngami njengoba le ndondo sengiyitholile manje,” kuchaza uSjava.
Uthe akukho okudlula ukuzethemba nokugxila entweni okholelwa kuyona nasekwaziseni amasiko.
“Ngazitshela ukuthi ngifuna ukukhombisa ngemvelaphi yami kulo mcimbi. Ngizwa igama lami ngasukuma nakho konke engangikuphethe ukuze isiko lami libonakale emazweni omhlaba njengoba lona wumcimbi obukwa ngabantu abaningi emhlabeni,” kuchaza uSjava.
Emcimbini uSjava unxuse ukuthi indondo ahlonishwe ngayo idluliswe emndenini kaVusi Ximba.
Ukhale ngokuthi umculo kaXimba awuhlonishwanga ngendlela efanele yize wawukhuluma ngezinto ezibalulekile empilweni.