UMLINGISI okhule elangazelele ukuthola uthando lukanina, uthe akuzange kube nzima nhlobo ukulingisa indawo akuyona emdlalweni okhuluma ngempilo yomahosha, iThe Black Door kwi-e.tv.
UNonkululeko Mbatha (23) waseNewlands East udlala indawo kaThenjiwe Sokhulu emdlalweni okhonjiswa phakathi nezinsuku ngo-9.30 ebusuku.
Ekhuluma neSolezwe ngeSonto, uthe isimo akhule ngaphansi kwaso simlekelele ekutheni akwazi ukungena khaxa endaweni ayidlalayo njengoba naye ekhule edinga uthando lukanina.
"Ngikhuliswe wugogo. Benginemibuzo ebengilokhu ngizibuza yona ngomama obengekho empilweni yami, esahlukana naye ngisemncane. NoThenjiwe engidlala indawo yakhe ubonakala ewumuntu onesikhala thizeni esidinga ukuvalwa wuthando, afisa ukuluthola emndenini wakhe," kusho uNonkululeko.
Uthe yize kube lula ekutheni angene khaxa endaweni eyilingisayo, kodwa wehlukile kancane kuThenjiwe njengoba emdlalweni ebuye abe yintombazane exegelwa yikhanda futhi engenayo inhlonipho.
"Ugogo wami ujabule kakhulu njengoba izinto zibukeka zikhanya kimina. Nami ngiswele amaphiko okundiza njengoba ukulingisa bekuyiphupho lami leminyaka. Kumanje ngiphezu kwezinhlelo zokulungisa umuzi kagogo ngemali engizoyithola kulo mkhakha," kuchaza uNonkululeko.
Uthe ukusebenza nabalingisi abafana noLinda Sebezo, Zamani Mbatha noVelephi Mnisi Khumalo, bekuyinto abehlezi eyiphupha.
"Umlingisi osemncane engibukela kuyena engifisayo ukusebenza naye ngelinye ilanga, nguThuso Mbedu. Nami angazi ukuthi kuyokwenzeka kanjani njengoba esegxile emidlalweni yaphesheya kwezilwandle kodwa kuyisifiso sami ukuzibona ngisebenza naye," kusho uNonkululeko.
Le ntokazi ibilingisa emidlalweni yeshashalazi ngo-2020, okukhona kuyona neNandi The Musical.