Ezokungcebeleka

USiya Ntuli ukhiphe ulozolo olungasoze lwabuna

Charles Khuzwayo|Published

SIYA NTULI

Image: FACEBOOK

ISIHLOKO: Imbiza

UMCULI: Siya Ntuli

UHLOBO: Afro Soul

UMHLAZIYI: CHARLES KHUZWAYO

USIYA Ntuli wumculi oyingxenye yeNkabi Records. Le nsizwa ngaqala ukuqaphela ikhono layo isacula eqenjini lesicathamiya iMtuba Thulisa Brothers kusekhona umsumguli walo uRobert Ndima. Emculweni othakwe nezinsimbi ngimqaphele engomeni kaLwah Ndlunkulu ethi Ithuba nakwebahlanganise bonke kwiNkabi Nation ethi Voicemail. Kuleli cwecwe uSiya ubophele abaculi abaningi okubalwa kubo uDonald, Gatsheni, Musiholiq, Trymore, Xowla,Zakwe, Sminofu, Diary, Shwi Mantombazane, uMzukulu, Imfezemnyama neMtuba Thulisa Brothers. Kulezi zingoma eziyisishiyagalolunye ngizwe eyodwa kuphela enomculi weNkabi Records, okunguXowla. Bengilindele ukuzwa noma eyodwa enabo bonke noma enoLwah Ndlunkulu noma uBig Zulu  noma-ke uMduduzi Ncube. Zona zingichazile kakhulu, ikakhulukazi ethi Obhuti Abadala, Ukude, Angibezwa, Ukube Ngazenzela nezinye.

Kungithokozisile ukupika kwakhe iqembu elaveza ikhono lakhe iMtuba Thulisa Brothers engomeni ethi Mhlobo Wami. Ingoma ethi Ngijabule, iyamveza uSiya ukuthi uyinzalo yesicathamiya.Bekungathi ngilalele ingoma yeThee Legacy ngenxa yokuthi ithakwe ne-contemporary isicathamiya.  Ingifikisele umunyu ingoma ethi Nguwe, atusa ngayo ibandla lakwaShembe. Inongwe kakhulu nayinkondlo yembongi uDiary. Iculo elithi Indaba lingikhumbuze elikaMfiliseni Magubane elalithi Thenjiwe. USiya ulivezile ikhono lakhe kuleli cwecwe eliyi-EP. Ikusasa liqhakazile kumfo kaMphemba, Godide, Ndlela kaSompisi. Zitholele leli cwecwe uzobhema ukholwe.