USHO Madjozi wengoma ethi Huku uthembise ukubuya nendondo yeBET njengoba kuphakanyiswe igama lakhe kulezi zindondo   Isithombe: SIGCINIWE
USHO Madjozi wengoma ethi Huku uthembise ukubuya nendondo yeBET njengoba kuphakanyiswe igama lakhe kulezi zindondo Isithombe: SIGCINIWE
INJABULO u-AKA ephinda ephakanyiswa kumaBET Awards kuleli sonto   Isithombe: FACEBOOK/ AKA WORLDWIDE
INJABULO u-AKA ephinda ephakanyiswa kumaBET Awards kuleli sonto Isithombe: FACEBOOK/ AKA WORLDWIDE

KUHELEZE umoya wenjabulo embonini yezokungcebeleka kuleli kulandela ukuphakanyiswa kwamagama abaculi ababili balapha eNingizimu Afrika kuleli kowezindondo zamaBET ngoLwesihlanu eGoli.

USho Madjozi no-AKA bangene eminxeni eyahlukene kulezi zindondo ezoba eMicrosoft Theatre eLos Angeles, e-USA, ngoJuni 23.

Igama lika-AKA liphakanyiswe koweBest International Act nokuyilapho eqhathwe noBurna Boy noMr. Eazi baseNigeria, uDave and Giggs base-UK, Aya Nakamura noDosseh baseFrance.

Ngakolunye uhlangothi uSho Madjozi ungene koweBest New International Act noTeniola Apata waseNigeria, Headie One no-Octavia base-UK, Jokair noNesly baseFrance.

U-AKA ukhiphe umyalezo ebonga kubalandeli bakhe ngokumeseka.

Uthe unesifiso sokubuya nayo le ndondo kodwa futhi ngeke kumephule umoya ukunganqobi ngoba izobe itholwe umuntu emfanele.

Ukuqokwa kuka-AKA kulezi zindondo ajike abuye eshwiba izandla, sekuphenduke insakavukela.

Ngo-2014 nango-2016 * -AKA wangena kule mikhakha ehambela phezulu kodwa wehlulwa.

Lokhu kuze kwenza abantu baqhamuka nesiteketiso sokuthi ‘AKAwinanga’.

Nyakenye uSjava uhlabe umxhwele abaningi ebuya nale ndondo ngenxa ye-albhamu yakhe ethi Umqhele.

Kwenzeka lokhu nje i-albhamu ka-AKA yakamuva iTouch My Blood ihlomule ngePlatinum yesibili kuleli sonto.