Ezokungcebeleka

Ushiye angalazi oweGagasi FM exoshwa

Fanelesibonge Bengu|Published

U-ASANTE Chiliza obengumsakazi kwiGagasi FM okhonjwe indlela kulesi siteshi Isithombe: INSTAGRAM

USHIYE angalazi kubaphathi beGagasi FM obengumsakazi walesi siteshi, u-Asante Chiliza, ngesikhathi ekhonjwa indlela.

Lo msakazi ubethula uhlelo iBreakfast Gang Gang noHope Mbhele ngo-6 kuya ku-9 ekuseni ngoMgqibelo.

Bebephinde bangene bobabili futhi ohlelweni iSunday Chill Zone ngo-2 kuya ku-6 ntambama ngeSonto.

Imizamo yokuthola u-Asante ayiphumelelanga njengoba ucingo lwakhe belungangeni futhi nomyalezo athunyelelwe wona akawuphendulanga.

Umthombo weSolezwe ongaphakathi esiteshini ulihlebele ukuthi ngemuva kokuxoshwa kwakhe uvele wathumela i-email ekhwela edilika. Le email kuthiwa iyindaba egudwini kulesi siteshi esizinze eCornubia njengoba izisebenzi ziqhwebana ngayo.

“Le ntombazane inesibindi uyezwa? Ivele yabhalela abaphathi i-email yafaka wonke umuntu, ibatshela izindaba zabo. Ithe kunomunye umphathi osekungemnandi ukusebenza ngaphansi kwakhe selokhu efikile,” kusho umthombo.

Kuthiwa ubekhala nangokuthi useneminyaka engaphezu kwemihlanu ekulesi siteshi kodwa akukho ukukhula futhi akanikwa nethuba lokubamba phakathi nezinsuku uma kunabasakazi abangekho.

Umthombo uthe abaphathi bagijime bayalela abakwa-IT ukuthi bacishe le email ukuze abanye abasebenzi bengayiboni.

Okhulumela isiteshi uKhulekani Shandu, ukuqinisekisile ubukhona be-email wathi bayibonile.

“Kube yishwa ukuthi kube khona i-email yalolu hlobo. Ngingakuqinisekisa futhi ukuthi u-Asante akaseyona ingxenye yesiteshi. Simfisela inhlanhla kukho konke azokwenza ngomuso,” kusho uKhulekani.

Omunye umthombo uthe i-email ibishube kusuka ekuqaleni ize iyophela uma uyifunda, ulokhu ubabazile.

Akucaci ukuthi yini eqhathe le ntokazi nabaphathi okuze kwaholela ekutheni ixoshwe.

NgoJuni, leli phephandaba like labika ngokumiswa kwayo amasonto amabili emoyeni nozakwabo uHope.

Omunye umthombo uthe ukuxoshwa kwakhe kungenxa yokuthi akathembekile futhi “uyahlupha”.

“Ngokwakhe, ubezibona engumuntu osefanelwe wukwenza izinhlelo zaphakathi nesonto ngoba usemdala esiteshini. Kodwa manje inkinga ukuthi akathembekile ngoba kokunye ubevele athumele umyalezo sekusele kancane ukuthi uhlelo luqale, athi akezi. Usezothathwaphi-ke omunye umuntu ozobamba uma usho ngaphambi kokuthi uhlelo luqale? Ungamthemba kanjani umuntu onjalo ngezinhlelo zaphakathi nesonto? Ubesengumuntu okubukhuni ukusebenza naye, kusho ukuthi bekwenziwa yikho ukungenami kwakhe ngezinhlelo azenzayo,” kusho lo mthombo.

UKhulekani uthe uHope uzoqhuba izinhlelo noHamzaa.