UPHROJUSA wehouse uDJ Shimza useveze ukuthi abusekho klamuklamu ubudlelwano bakhe noBlack Coffee.
Kuzokhumbuleka ukuthi uShimza uke waba ngaphansi kwesitebele sikaBlack Coffe, osehlonishwa umhlaba wonke, iSoulistic Music. Ujoyine lesi sitebele ngo-2013 ngaphambi kokusishiya ngo-2015, kunemibiko yokuthi bese bungekho buhle ubudlelwano phakathi kwabo.
Ekhuluma ohlelweni lukaMacG, kuYouTube, ngokuhlukana kwabo uShimza uzichithile izinsolo zokuthi wahamba ngoba ‘evalelwa’ uBlack Coffee njengoba bese kunezinsolo zalokhu. Uthe wathatha lesi sinqumo ukuze akwazi ukukhula ezimele naye endimeni yomculo.
“Akayenzi leyonto (ukuvalelana). Ngicabanga ukuthi ingenxa yobudlelwano esinabo, obungasekho buhle. Akangiqashi emcimbini yakhe, nami bazama ukwenza kube nzima ukuthi ngimqashe. Kuyabiza ukumqasha,” kusho uShimza.
Uthe useke wazama ukuxhumana noBlack Coffee ukuthola ukuthi ngabe yini umnyombo wokungezwani kwabo njengakuqala kodwa manje sebegcina ngokubingelelana.
“Ngagcina nginqume ukuthi uma bungasafani ubudlelwano ayikho inkinga. Singabingelelana uma sibonana nje kuphela. Uma ngizama ukuhlangana nomuntu ukuthola ukuthi yini inkinga ekhona phakathi kwethu engichitha, anginankinga nalokho, okungenani mina ngizamile ukulungisa isimo,” kusho yena.
Elinye iciko elishiye iSoulistic Music uCuloe De Song, naye okwaba nezinsolo zokuthi uhambe bungasekho buhle ubudlelwano bakhe noBlack Coffee. Naye uCuloe wazichitha nokho izinsolo zokuthi uBlack Coffee wayemuvalela ngaphandle, wacacisa ukuthi ngabe akekho la akhona namhlanje ukube wayengalekelwa nguye.
Naye uBlack Coffee wazichitha lezi zinsolo waveza ukuthi kuyadabukisa ukuthi kunabantu angasezwani nabo ababengabangani ngoba bahluleka ukukhuluma iqiniso njengoCuloe.
When I left Soulistic, I took some time away from everybody. I distanced myself from any close influence.
— Culoe De Song (@CuloeDeSong) February 15, 2016
If Coffee was truly selfish, I wouldn't be touring the world today.
— Culoe De Song (@CuloeDeSong) February 15, 2016
Big up to the young Culoe for speaking out.
— Black Coffee (@RealBlackCoffee) February 17, 2016
I've helped so many realize their dreams in Music.
— Black Coffee (@RealBlackCoffee) February 17, 2016
I've helped so many realize their dreams in Music.
— Black Coffee (@RealBlackCoffee) February 17, 2016