LUSHAYA ibuya ngoJulayi 10, uhlelo Utatakho, olusiza abantu bakuleli bathole obaba babo bangempela nezoqala kuMzansi Magic, ngo-8, ebusuku.
Lolu hlelo, oselusize abantu abaningi kuleli, lubalwa nezinye okukhulunywa ngazo kakhulu njengoba luveza izinto ezishiya ababukeli bemangele.
Akukho okuhlukile kwisizini yesithupha yalolu hlelo njengoba kuzobonakala umethuli wayo owathatha kusizini yesibili ngemuva kokushiya kukaBonginkosi “Zola” Dlamini, uNimrod Nkosi.
UNimrod uzobe ehambisana nentokazi, esiza ukululeka abasuke bethinteka odabeni abasuke bezama ukusiza kulo.
Okhulumela uMzansi Magic, uBongiwe Potelwa-Metsing uthe bazokhuluma ngezinhlelo eseziqalile ukukhonjiswa kuthelevishini ukuthi zishaya ibuya.
“Izinhlelo ezintsha ezizobonakala ngoJulayi njengoba lezi ezikhona manje seziya emaphethelweni. Sizozimemezela maduze,” kusho uBongiwe.
Uthe basazoveza ukuthi yiziphi izinhlelo ezizokhonjiswa ngoLwesine nangeSonto.
Ezinye izinhlelo okuvele ukuthi ziyabuya uhlelo lwabantu abafuna omaqondana oluthi Uyangithanda Na?
Lolu hlelo luzobuya ngoJulayi 11.
Nakulo akukho okushintshile njengoba umethuli obelubambile ngesizini ephelile, uMoshe Ndiki, eshaya ibuya.Isolezwe ngeSonto libike ukuthi ingcindezi yababukeli balo iyona ephoqe ukuthi lusheshe lubuye futhi lwethule yile nsizwa esizakhele igama ngisho ekulingiseni.
Ekhuluma naleli phephandaba, uMoshe wakuveza ukuthi lushaya ibuya futhi ungumethuli walo lolu hlelo futhi kumanje bamatasa bapheka iziqephu ezintsha.
Uhlelo lomculo okuvele ukuthi ilona olubukwa kakhulu emhlabeni wonke ama-Idols SA, nawo ashaya ibuya ngoJulayi 8.
Lolu hlelo lo mculo kuzoqale kubonakale kulo intsha yezifundazweni ezehlukene kuleli, izama inhlanhla kwinhlolokhono.
Amajaji alolu hlelo U-Unathi Nkanyi, Somizi Mhlongo, noRandall Abrahams bazophinde babonakale ohlelweni bejaja intsha ngendlela ecula ngayo.
UProVerb uzoqhubeka abe ngumethuli walolu hlelo oluyoze luphele ngasekupheleni konyaka.
Uhlelo olusha okulindelele luqale maduze kulesi siteshi yize lungakamenyezelwa usuku oluzoqala ngalo, uhlelo iProject Runway.
Kulolu hlelo oluzokwethulwa uLerato Kganyago, kuzobonakla intsha yakuleli emkhakheni wemfashini iqophisana ngemithungo eyahlukene.
Amajaji okulindeleke abonakale kulo kukhona uGert-Johan Coetzee, Noni Gasa noRahim Rawjee.