USKOLOPAD ezitamata ngesikhathi eqhuba imoto. Isithombe: Screenshot
UNONTANDAKUBUKWA waseGoli, uSkolopad, ushiye abalandeli bakhe kutwitter bekhexile kulandela ukufaka ivideo emuveza ezijabulisa ngokocansi ngokuziphulula isitho sakhe sangasese.  

Levideo ikhombisa uSkolopad, ogama lakhe langempela nguNonhlanhla Qwabe egqoke iphenti nobra kanye nejazi elifushane kuphela eshayela imoto ngesinye isandla ngesikhathi lesi esinye ezithintathinta ngaso esithweni sakhe sangasese.

Abalandeli bale ntokazi bazwakalise ukungahambisani nesenzo sayo beyisola ngokungabi nasimilo kanye nokushayela budedengu.

Nyakenye uSkolopad wambandakanyeka engozini eyashiya owesilisa eshonile.

Lentokazi edume ngokugqoka izinto ezincane iziphendulele ngokuthi ayikweleti muntu incazelo ngendlela ephila ngayo impilo yayo.
USkolopad ugcine eyisusile le video kutwitter wakhe ngoLwesithathu.