SIKHONJWA eflethini isilomo somculo wokholo esikhethe ukulaxaza unkosikazi nezingane ezine sayokipita nentokazi okuthiwa icula phambili ekwayeni yasesontweni.
USgwili Zuma osanda kuvula ibandla eMahlabathini, eVerulam, iWinners House Community Church, kuthiwa sekuphele izinyanga engalubhadi emzini wabo noNkk Thandeka Zuma oseHazelmere Dam.
Kuthiwa uqhiphotheke eflethini, iCity Life, elisenkabeni yeTheku.
Umthombo othembekile nosondelene nalo mndeni, utshele leli phephandaba ukuthi uSgwili uhlala nentokazi yaseChesterville efike ngoJulayi ebandleni lakhe.
“Yafika kuyimvuselelo le ntombazane yangabe isahamba, yagcina seyicula phambili. UThandeka ubehlale eyilanda le ntombazane ethunywa uSgwili, ibuye ilale nakwakhe.
"Angazi kubangwani kodwa kusukela ngo-Okthoba ehlala eflethini,” kusho lo mthombo.
Lo nthombo uveze ukuthi lezi zithandani zinezinkinga ngendlela yokuthi sekuke kwahlangana imindeni izama ukuxazulula.
Leli phephandaba lithole nokuthi ingxabano engaqondakali umnyombo wayo, ibhebhethekiswa nawukuthi uSgwili useke washaya namakhala efuna kwenziwe nolibofuzo ezingane zabo ezine. Akuqondakali nokho ukuthi lezi zinsolo ziqhamukaphi.
“Kuningi nje okungaqondakali ngokungazwani kukaSgwili nonkosikazi wakhe ngoba nezinsolo zokunganeliseki kukankosikazi ocansini kuyavela kakhulu ezingxabanweni,” kusho umthombo.
UmkaSgwili kuthiwa useze waduba ibandla lomyeni wakhe waphindela ebandleni likaMbhishobhi Vusi Dube i-Ethekwini Community Church.
Ethintwa uThandeka, uvumile ukuthi sekunezinyanga esonta ngokuhlukana noSgwili. Lokhu uthi kudalwa isikhathi somsebenzi kuSgwili.
“Eyokuhlala eflethini kukaSgwili ngiyayazi kodwa bengingazi ukuthi kukhona owesifazane ahlala naye.
“Ngazi ukuthi usondelela umsebenzi, neyokuhlukana futhi angiyazi akakasho lutho kimina ngayo.
“Yebo, ngiyaya e-ECC ngoba ngithanda hhayi ngoba kunenkinga. Khona kuyiqiniso ukuthi kukhona imindeni ekulungisayo phakathi kwethu engingeke ngaba namandla okukhuluma ngakho,” kusho uThandeka.
USgwili uvumile ukuthi usehlala eflethini kodwa wathi kungamampunge lokhu okushiwo ngabantu ukuthi usekipitile.
“Ngihlala eflethini impela kodwa akekho umuntu engikipite naye.
"Kukhona ekhaya ukungaboni ngaso linye kodwa umndeni uyakulungisa lokho futhi ngeke ngichaze ngakho ngoba kuthinta thina.
“Konke manje kuxoxwa ezingeni lomndeni. Kodwa akuyona into engangihlukanisa nomndeni wami,” kusho uSgwili.
Ebuzwa mayelana nokungabaza izingane zakhe, uzwakalise ukuthuka wathi njengoba enomuzi futhi engekho ekhaya uyasenza isikhathi somndeni wakhe.
“Angisoze ngalahla izingane zami. Ngiyawuthanda umndeni wami akukho okungenza ngilahle izingane zami, uma sesixoxisene konke kuzobuye kuhambe kahle,” kusho uSgwili ezwakala ekhathazikile.
Uveze ukuthi kumphatha kabi ukusabalala kwalama hlebezi ngoba kuzodicilela isithunzi sakhe
phansi.