ISILOMO somsakazi woKhozi FM, uSipho “DJ Sgqemeza” Mbatha sithi asisazimisele ngokudlala emakilabhini ngenxa yokuthi imali yakhona incane.
U-DJ Sgqemeza wethula uhlelo iVuka Mzansi Breakfast Show ngokubambisana noNongcebo McKenzie ngo-6.30 kuya ku-9 ekuseni, phakathi nesonto.
“Yisinqumo engasithatha cishe eminyakeni emibili eyedlule lesi,” kusho uSgqemeza.
Uthe usedlala kuphela uma kuwumcimbi womngani wakhe. Uthe usematasa ngezinye izinto ezehlukile manje.
“Ngeke ngikwazi ukuya endaweni yobumnandi ngoba imali incane. Lapha awutholi uR40 000 noma uR20 000. Leyo yimali esuke izokwenziwa wumnikazi wendawo. Uma nixoxa nigcina nivumelana ngoR2 000 kanje,“ kusho uSgqemeza.
Uthe leyo yimali encane kakhulu ngoba usuke emoshe nesikhathi sakhe eya kuleyo ndawo yobumnandi.
“Awasangisebenzeli (amakilabhu). Sengenza imicimbi emikhulu enebhajethi ekahle,” kusho uSgqemeza.
Lo msakazi uthe yonke into ihamba kahle ohlelweni lwakhe njengoba esengena noNongcebo. Ngonyaka odlule ubeyibamba yedwa kusukela kwashiya uZama Ngcobo ayesakaza naye.
“Kuhamba kahle. Yonke into ihlangene. Akukho okubi engisakubonile,” kusho uSgqemeza.
Uveze ukuthi umcimbi wakhe waminyaka yonke awuhlelayo iCity to City Motivation Tour uzobuya ngoJulayi.
Izinsuku nokuthi uzohambela kuphi uzokumemezela uma sekusondele.